Uncategorized

Bazajeziswa abacambalala emangcwabeni

23 Feb, 2023 - 00:02 0 Views
Bazajeziswa abacambalala emangcwabeni

uMthunywa

ZIGXEKWE yizazi zamasiko izithombe ezisabelele ezinkundleni zokuxhumana okubonakala kuzo izisebenzi  eziqoqa idoti, okusolakala ukuthi zisebenza ngaphansi kukaMasipala eMsunduzi, zicambalele phezu kwamathuna.

Izithombe ezitshiye inengi labantu litshaqekile ezinkundleni zokuxhumana, kukhalwa ngokungahlonitshwa kwabatshiya umhlaba, kubonakala abesifazane abaqoqa idoti bezilalele sakucambalala ematsheni abekwe emathuneni, abanye behleli phezu kwawo bengazi lokuthi lidumephi.

Abelaphi bendabuko lezazi zamasiko basigxekile lesi senzo, bathi ngaphandle kokungahloniphi imideni yabangcwatshwe kulawa mathuna, abenza lokhu bazidonsela amanzi ngomsele ngoba amathuna ayahlonitshwa.

UMnumzana Sazi Mhlongo ongumelaphi wendabuko, uthe ngokwesintu akuvunyelwe ngitsho ukunyathela phezu kwethuna, ngakho isenzo sokulala phezu kwalo silichilo elibi elingamdonsela amabhadi umuntu ophilayo owenza lokhu.

“Yingakho lamhlanje silenqwaba yabantu ovele uzwe kuthiwa bayethwaswa okungaqondakali, abantu bangenwa yimimoya emibi. Lesi senzo sabo singeke sabaphazamisa ngokushesha kodwa ngokuhamba kwesikhathi imimoya abayilanda emathuneni ingangena lasezinganeni idale amashwa lenhlupheko eyisimanga,” kubhoka uMhlongo.

Uqhubeke wathi isenzo siikudelela imideni, wathi eminye isuke iwalaphe ngandlela thile amathuna amalunga ayo kwesinye isikhathi kudalwa ukuthi ayenelisekile ngendlela loyo muntu ashone ngayo. Wathi ekucineni umuntu olala phezu kwethuna, angagcina esehaqwa yimimoya emibi noma esethelwa ngamachaphazelo.UMnu Mkhulu Sifundza, uthe kuyinto embi ukulala phezu kwethuna lomuntu ongamaziyo, ongazi ukuthi wafa kanjani ngoba kudala ukuthi uhanqwe umoya wakhe, ukungene.

“Sikholelwa ukuthi umphefumulo noma uphuma, awutshiyi lapho kulele khona isidumbu somnikazi. Abanye abafayo abangcwatshwe kula mathuna, abakenzelwa lomsebenzi wokubuyiswa ngakho kungadala usizi lenhlupheko ukulala phezu kwethuna. Kuyikuphazamisa abantu abangasekho, kumele omanisipala baqinisekise ukuthi amathuna ayavikelwa futhi ayahlonitshwa, ngakho lokhu esikuzwayo kuyihlazo elibi,” kusho uSifundza.

USolwazi Sihawu Ngubane, oyinhloko emkhakheni wokusetshenziswa kolimi eNyuvesi iKwaZulu-Natal, futhi oyisazi kwezamasiko, uthe kusuka kudala, ithuna belihlonishwa likhonjwa ngenqindi uma kunesidingo sokulikhomba, ngakho siyashaqisa isenzo salaba basebenzi.

“Ngokwenkolo yesintu, uma umuntu edlula emhlabeni sikholelwa ukuthi uyaqhubeka nokuphila aphenduke idlozi. Ithuna liyahlonishwa, ngakho isenzo esinjalo sokulala phezu kwawo singahambisana nesijeziso esibi empilweni yomuntu. Mhlawumbe ukube bebelele kwawakubo bekungakhulunywa kangcono kodwa ukulala ethuneni ongalazi kungakudonsela amashwa,” kuxwayisa uNgubane.

Umaneja kuManisipala weMsunduzi, uMnu Lulamile Mapholoba, esitatimendeni sikamasipala, uthe sekujutshwe ukuthi kuqale uphenyo ngodaba.

“Umasipala usuyazi ngalezi zithombe. Abasebenzi abathintekayo bazothweswa amacala okungaziphathi ngendlela nokufaka umasipala ehlazweni. Abantu, indawo yamathuna bayayihlonipha kakhulu ngoba kulapho kulele khona abathandiweyo babo, ngakho asisigqugquzeli lesi senzo,” kutsho isitatimende.-Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds