Uncategorized

Bayatshinga ngosolwa ngokudlwengula ingane (10) ephindelela

01 Jun, 2023 - 00:06 0 Views
Bayatshinga ngosolwa ngokudlwengula ingane (10) ephindelela

uMthunywa

BAFUNA angayinuki ibheyili owesilisa oleminyaka engu-60 waku-L eKwaMashu osolwa ngokudlwengula ephindelela ingane eleminyaka engu-10.

Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yeNtuzuma kulandela ukubotshwa kwakhe ngoLwesine. Icala lihlehliselwe u 7 Juni ukuze afake isicelo sebheyili.

Unina kamgilwa, ongeke adalulwe ukumvikela, utshele Isolezwe ukuthi umsolwa ubanjwe oqotsheni nomgilwa oficwe enqunu endlini yakhe ngoLwesine.

“Umuntu ohlabe umkhosi yindodana yakhe umsolwa ehlala endlini enkulu, esole ukuthi uvalele ingane yami endlini yakhe engaphandle. Uvele weza ekhaya ngoba kungaphesheya komgwaqo ezobuza ukuthi iphi ingane,” kusho unina kamgilwa.

Uthe bathe uma beqaphela ukuthi ayikho, indodana kamsolwa yathi uyise kamgilwa akamlandele bayobheka endlini kayise ukuthi ayikho yini khona ingane.

“Bathe uma bemphoqa ukuthi akavule kubhekwe ukuthi akavalelene yini nengane, wathi akulandwe mina ngize neselula khona kuzothi uma ingatholakali ingane endlini yakhe ashayele ucingo amaphoyisa asibophe ngokumsola ngento engekho,” kusho unina kamgilwa.

Uthe indodana kamsolwa noyise kamgilwa bazenze abantu abahambayo beyombiza (unina kamgilwa) kanti bancika ngekhona lendlu.

“Uthe uma evula isicabha ezama ukukhipha ingane, babuya, bawuphusha umnyango, bangena ngaphakathi bayifica ingane yami inqunu,” kusho unina kamgilwa.

Uthe ngosuku lwesigameko bathole ukuthi waqala ukudlwengula umgilwa ngoMashi nonyaka kanti ubedamane emheha ngoncamnce maqede amsabise amtshele ukuthi angayithi vu eyokuthi uyamdlwengula.

Uthe isenzo sakhe sibashiye bephuke umoyafuthi abafuni athole ibheyili ngoba akuphephile ukuhlala naye emphakathini ogcwele inqwaba yezingane ezincane.

Uveze nokuthi umsolwa kunelinye icala lokudlwengula owesifazane wendawo avele elihamba kusuka ngoFebhuwari ngonyaka owedlule, abasola ukuthi ungaphandle ngebheyili.

“Ngoba siyezwa ukuthi usahamba inkantolo, kusobala wakhishwa ngebheyili. Asifuni athole ibheyili ngoba izingane zethu kaziphephile. Ukube babengamkhiphanga ngayo kwasekuqaleni, ngabe ingane yami ayidlwengulwanga,” kusho unina kamgilwa.

Ngaphandle enkantolo umndeni ubusekwe ngamalungu omphakathi abebhikisha, ezwakalisa ulaka lwawo ngesigameko, esho nokuthi awahambisani nokuthi umsolwa anikwe ibheyili.-Isolezw

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds