Uncategorized

Bashumpulwe amakhanda abasolwa ngokubulala

07 Jan, 2021 - 00:01 0 Views
Bashumpulwe amakhanda abasolwa ngokubulala

uMthunywa

SIMANZONZO isimo eShallcross, eThekwini emva kokuba kubulewe owesilisa osolwa ngokuba ngungqondongqondo ekuthengisweni kwezidakamizwa.

Kusuke isidumo ngoMvulo emini emgwaqweni uTaurus eShallcross emva kokuba kubulewe owesilisa odume ngokuthi uTeddy Mafia, njengoba abasolwa ngokuba yizinkabi behlaselwe ngomakhelwane, baqunywa amakhanda base bokhelwa ngomlilo.

Konke lokhu kwenzakale emini kubukele wonke umuntu.

Okhulumela amapholisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker, uthe kuvulwe amacala amathathu okubulala.

“NgoMvulo ngabo-2 emini, kudutshulwe obesolwa ngokuthengisa izidakamizwa emzini wakhe esemgwaqweni e-Taurus, eShallcross. Umnikazi womuzi owaziwa ngelokuthi Teddy Mafia, ubetshele indodakazi yakhe ukuthi kukhona abantu abalindileyo abazamvakatshela. Kuthe kufika abasolwa emzini wakhe, indodakazi yaya ngemva kwendlu yezwa sekuqhuma isibhamu kanengi. Indodakazi kamufi ibe isibikela omakhelwane ukuthi uyise udutshuliwe. Umphakathi ube usubamba laba basolwa, batshumpulwa amakhanda base bokhelwa ngomlilo.

Amapholisa afike endaweni yesehlakalo lesi lawo adutshulwa. Kubizwe uphiko oluqapha isimo emphakathini ukuba luzohlakaza isixuku sabantu. UTeddy utshonele esibhedlela. Amapholisa awazange athole isibhamu endaweni yesehlakalo. Okwamanje akwaziwa ukuthi abasolwa bebehamba ngemota noma ngenyawo. Uphenyo lwamapholisa lusaqhubeka,” kutsho uNaicker.

UTeddy Mafia, akusikho kwakuqala ukuba sematheni njengoba kulezigigaba lezehlakalo abezindaba abebelokhu bebika ngazo ngokuthinteka kwakhe ekuthengiseni izidakamizwa.

Uke wabotshwa kwatholwa insavunsavu yemali emzini wakhe.

Indodana yakhe lomngane wayo badutshulwa ngomnyaka odluleyo bemi ngaphandle komuzi wona lo adutshulwe kuwo.

Lonkosikazi wakhe kuthiwa wadutshulwa ngesihluku. Bekuhlezi kulamahlebezi okuthi nguye ophethe futhi oshushumbisa izidakamizwa emalokitshini okubalwa iLamontville, eMlazi lakwamanye akhelene lePinetown.

Leli gama lokuthi uTeddy Mafia kuthiwa iwona qobo amapholisa amqamba lona njengoba ubaziwa ngokuthi uphunyuka bemphethe.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds