Uncategorized

Badidekile kuphuma isidumbu emngcwabeni

15 Sep, 2022 - 00:09 0 Views
Badidekile kuphuma isidumbu emngcwabeni

uMthunywa

USIZI luzwe olunye emdenini weMfekayi, eMpukunyoni eMtubatuba ngesikhathi ilunga lawo liqumbeka phansi liquleka liphuma igazi lobuchopho ngamakhala ngemva kokukhulumela umdeni emngcwabeni wakubo.

UNkosikazi Bongaliphi MaGabela Ntshangase utshone izolo. Ngokutsho kwelunga lomdeni, uMnumzana Sipho Gabela, umufi ubefike lomdeni wakhe beze emngcwabeni womfana wakulumuzi, uThobani “Bhoyoh” Mazibuko (15), ogwilize emfuleni evela zingela.

Isolezwe NgoMgqibelo libike kabanzi ngalesi sehlakalo sokuminza komfana. UGabela uthe uNkkz Ntshangase uqede ukukhuluma, wabe esephumela ngaphandle kwetende.

“Mina ngibizwe ngisesenkonzweni ukuba ngiphuthume emnyango lapho ngifice ingane kadadewethu isiqulekile. Lami ngifumbeke phansi ngaquleka. Ngiphaphame abantu sebesemathuneni. Ngibe sengiyohlaliswa esihlalweni ukuze ngibonge abebesisingathile.”

UGabela uthe uze wezwa sekungcwatshiwe ukuthi uNkkz Ntshangase akasekho emhlabeni futhi uphuthunyiswe emtholampilo wendawo sekuvele kumenele.

Uthe umufi uzalwa ngudadewabo kodwa ubesetshadele koNtshangase, endaweni yakoQongqo, KwaNongoma. Eqhuba uGabela uthe basatshaqekile bengumndeni ngoba isehlakalo esifuze lesi siyaqala ukwenzeka.

“Sisakhungathekile. Sisalinde imoto yezidumbu ize izolanda umshana ukuze isidumbu sakhe siyogcinwa emakhazeni (esho ngeSonto emini). Kwenzeka lokhu nje sisaphatheke kabi ngokushona kukaBhoyoh naye ogwilize emfuleni,” kuphetha uGabela obezwakala ukuthi ukhathazekile emoyeni.

Sishicilela engakaphawuli okhulumela amaphoyisa eKZN.

Ikhansela laku-ward 21 kuMasipala waseMtubatuba, uMnumzana Phila Mthiyane, lithe selokhu lazalwa liyaqala ukubona ngamehlo isigameko esifuze lesi.

“Angikaze ngabona izidumbu emndenini owodwa zilandelana kanje. Sithi sifihla esinye kube kuhamba esinye.”
Ududuze umndeni wakwaGabela ngokwehlelwa yilo mshophi. – Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds