Uncategorized

Abafundi bakhala ngokukhethwa ngokombala

08 Sep, 2016 - 15:09 0 Views
Abafundi bakhala ngokukhethwa ngokombala Omunye wabafundi bePretoria Girls High School

uMthunywa

KUPHAZAMISEKE ukufunda kwesinye sezikolo eThekwini, iSastri College, izolo ekuseni ngemva kokuba abafundi beqhinqe ngaphandle bekhala ngokukhethwa ngokwebala.
Abafundi bebephethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi #Afromustrise nezinye ebezinombhalo ohunyutshwa ngokuthi izinwele zabo zendalo zadalwa nguNkulunkulu.

Kule mibhalo bekuvela lokuthi bafuna ukuba lenwele zabo zemvelo abathi lesi sikolo asibavumeli ukuba bazidedele.

Kwenzeka lokhu nje ngeviki ephelileyo kuphazamiseke ukufunda esikolo samantombazane iQueensburgh Girls bekhala ngokufanayo.

Lesi sehlakalo silandela esabafundi basePretoria High School for Girls abebekhonona ngemithetho yesikolo engabavumeli ukuthi bafike lezihluthu.

Isolezwe lifike kulesi sikolo abafundi, abafana lamantombazane, abaningi babo abamnyama beshaya phansi ngonyawo bethi ngeke bangene esikoleni kungakapheli ukucwaswa.

Abafundi abakhulume leSolezwe amagama abo agodliwe bathe sekulesikhathi bekhala ngodaba lwezinwele nokucwaswa kodwa kungenziwa lutho.

“Siyaphoqwa ukuba sifake imithi eqothula izinwele zethu. Uma uvule izinwele zakho kuthiwa awuhlanzekile.

Imiyeko abayifuni bathi ungathi unguskhotheni. Kuyasidida ngoba yizinwele zethu zemvelo lezi,” kutsho umfundi.

Omunye umfundi uthe waphoqwa ukuba agunde imiyeko ngoba ingavumelekile esikoleni.

“Kumele unike isizathu esibhalwe phansi uma ufuna ukuba nemiyeko. Mina bangigundisa eyami bathi anginaso isizathu esizwakalayo sokuba nemiyeko,” kutsho umfundi wesifazane.

Abafana nabo bayathinteka njengoba kuvele ukuthi abavumelekile ukugunda izinwele zingalingani noma bazikhulise.

Intshebe nayo bathe iyagundwa kulesi sikole kodwa ezinye izinhlanga uma zikhala ngosiko lwazo ziyayekwa zikhulise intshebe.

“Omunye umfundi kaGrade 11 kuthiwe uzomiswa esikolo lamhlanje (izolo) ngoba egele inwele zakhe zangalingani.

Okubuhlungu wukuthi ezinye izinhlanga ziyakwenza ngaphandle kwenkinga. Sifuna ukufana nabanye abafundi singacwaswa ngoba simnyama,” kubeka umfundi.

Abafundi bathe bayazi ukuthi bazobhala maduze kodwa indlela abaphathwa ngayo bafuna ilunge.

“Kungani kumele kuphazamise ukufunda kwami ukuthi ngenzeni ekhanda lami? Ukuba nemiyeko akusho ukuthi ngizohlulwa wukufunda,” kusho umfundi ecweba izinyembezi.

Kuthintwa isikolo ngalesi sehlakalo, iphini likathishanhloko elizibize ngoMnuz Rajcumar (lanqaba negama) lithe lesi simo basilungisile.

“Esikolo sethu bekuvumelekile ukwenza zonke izitayela ikakhulukazi esezinwele ezixhunyiwe. Abafundi bagcine sebenza noma yikanjani bafake nemibalabala ekhanda.

Ngo-2014 isigungu esilawula isikole sibe sesivumelana ngokuthi izinwele ezixhunyiwe azingabe zisafakwa. Izinwele zemvelo zivumelekile esikoleni, nemiyeko ngokunjalo,” kusho uRajcumar.

Abafundi bathe lokhu akulona iqiniso njengoba sebeke baqhaqhiswa imiyeko nezinwele zemvelo kwathiwa azihlelekile.

Kuthintwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Scelo Khuzwayo uthe bebengakaziswa ngokwenzekile kodwa bayakugxeka ukuphazamiseka kokufunda.

“Siyakwamukela ukukhala kwabafundi futhi kunezindlela ezifanele abangakhala ngazo. Esikugxekayo ngukumiswa kokufunda njengoba sebezobhala izivivinyo zikaSepthemba. Udaba lokucwaswa kwabafundi sizolulandela ukuze sithole isixazululo,” kusho uKhuzwayo.

Abafundi bathe babatshelile abazali babo ukuthi bazomisa ukufunda ngenxa yokuhlukumezeka kwabo. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds