Kuvuke izinganekwane kumlingisi ngomdlalo

08 Sep, 2022 - 00:09 0 Views
Kuvuke izinganekwane kumlingisi ngomdlalo USthandiwe Kgoroge

uMthunywa

INTANDOKAZI yomlingisi iveze ukuthi isizwe yizinganekwane eyayizixoxelwa ngugogo ukungena khaxa emdlalweni omutsha obhekwe ngabomvu esiteshini sikamabonakude se-internet iNetflix obizwa ngeThe Brave Ones.

USthandiwe Kgoroge ongomunye wabalingisi abamnkantshubomvu kulo mkhakha, utshele ILANGA LangeSonto ukuthi ukuba yingxenye yalo mdlalo kumenze wazibuka ngenye indlela izinganekwane akhula ezixoxelwa nguninakhulu. Uthe lo mdlalo abantu bazobhema bakholwe yiwona njengoba uzobakhumbuza izinganekwane noma izindaba ababexoxelwa zona besakhula.

“Sisakhula ziningi izindaba ebesixoxelwa zona, ezinye ezingakholakali kodwa sizikholwe. Nakulo mdlalo abantu bazobona okuthi makufane ncimishi. Nokho okuhlukile wukuthi sizobe siletha lokhu abebengakulindele bakubone ngamehlo,” esho.
Uthe lo mdlalo umayelana nabantu abanesiphiwo noma amandla ahlukile kunabanye futhi abawasebenzisayo ngezindlela ezahlukene.

“Sikhule sikholelwa ekutheni kunabantu abaneziphiwo ezahlukene futhi adlula awabanye okwenza izinto. Lokhu kwenza ukuthi lo mdlalo ungahluki kakhulu kulokhu esikholelwa yikho kodwa njengoba kuwumdlalo kukhona okuzoba yihaba enginesiqiniseko sokuthi ababukeli bazokuthokozela,” esho.

USthandiwe ulingisa nomyeni wakhe uTony kulo mdlalo okuyinto athe uyithokozela kakhulu. Uthe nakuba engafuni ukugxila ebudlelwaneni bakhe nomyeni wakhe kodwa kuhlale kuyintokozo ukusebenza naye emdlalweni owodwa njengoba beke balingisa ndawonye kwifilimu yodumo kaMnu Nelson Mandela, iLong Walk to Freedom.

long walk to freedom

Uthe uyamhlonipha umyeni wakhe futhi akalingabazi nakancane ikhono lakhe kwezokulingisa njengoba bahlangana kuwona lo mkhakha. Uthi nakuba kunjalo kodwa bayakwazi ukuhlukanisa phakathi komsebenzi nobudlelwano babo.

“Sobabili siyazi ukuthi uma sisemsebenzini singozakwethu futhi uma sesisekhaya siyayazi indlela okumele siqhube ngayo,” esho.

USthandiwe uzobe edlala indawo kaThandaza kulo mdlalo kanti uthe okunye okuzojabulisa ababukeli ngalo mdlalo wukuthi ubophele abalingisi abanohlonze futhi abanekhono elimangalisayo njengoba phakathi kwabo kubalwa umyeni wakhe uTony, uBonko Khoza, uZamani Mbatha, uLindani Nkosi, uSthandile Nkosi, uNomalanga Nkosi, uKeke Mphuthi, uPheello Khotelo, uYule Masiteng nabanye.

Uphinde wancoma ubunyoninco nobuciko bombhali ophinde abe ngumqondisi walo mdlalo u-Akin Omotoso osemnkantshubomvu kwezokuqondisa imidlalo eyahlukene futhi owake walingisa emidlalweni eyahlukene. USthandiwe uphinde wahlebela leli phephandaba ukuthi maduzane kuzoba nesimemezelo esikhulu esizokwenzeka mayelana nomdlalo azoba yingxenye yawo.

Uphinde waveza ukuthi sikhuza ibuya isitolo sakhe sezingubo njengoba izimpahla ebezidayiswa kusona sesizotholakala online okwamanje.

“Ngangikuthokozela ukuba nesitolo ngoba kwakunginika ithuba lokuxhumana ngqo namakhasimende ami kodwa ngenxa yokuthi ngisasibuyisa ngizosenza sibe online. Kungenzeka ngokuhamba kwesikhathi ngisibuyise,” esho.

USthandiwe useke wabonakala emidlalweni eyahlukene kumabonakude okubalwa kuyo iGenerations, iYizo Yizo, iLithabo, iMTV Shuga, iZulu Wedding, iHeartlines, neminye eminingi. USthandiwe noTony sebeshade iminyanga engangaphezulu kwewu-19 kanti babusiswe ngezingane ezintathu. – Ilanga

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds