OweYizoYizo uyazisola ngokucwila ikuzidakamizwa

23 Jun, 2022 - 00:06 0 Views
OweYizoYizo uyazisola ngokucwila ikuzidakamizwa Innocent Masuku

uMthunywa

OWAZAKHELA udumo ngokulingisa indawo kaBobo kuYizo Yizo lekaBakstina kuTshisa, u-Innocent Masuku, uyazisola ngokugxila ezidakamizweni.

izidakamizwa

U-Innocent oseqwatshisa intsha ezinkundleni zokuxhumana, uthe banengi abangani abaqotho lamathuba okwamlahlekela ngenxa yokucwila ezidakamizweni.

“Noma ngizisola ngesikhathi esangilahlekela kodwa akukho esengingakwenza ukusibuyisa.

Kubuhlungu.

Ngingabukeka ngiziqinisa kodwa ngaphakathi kusangidla.

“Ngicabanga ukuthi ngiyingxenye yengcosana yabantu abasinde ngokulambisa emuva kokuzama iminyaka eminingi ukulaxaza izidakamizwa.”

Uthe kuke kufike kuye ukuthi ngabe ukude lempilo ukube akawalahlanga amathuba.

Uthe wasizwa ukuya esikhungweni sokuhlumelelisa izimilo iminyaka emihlanu.

Unxuse ukuba anikezwe ithuba lesibili ngoba awukho umgqomo wokulahla abantu.

“Asihlanganeni. Uma ulenkinga phumela obala. Asisizaneni. Ngiyazi ukuthi noma ungaya esikhungweni sokuhlumelelisa izimilo kodwa laso ngeke sikusize uma ungakakulungeli ukutshintsha.

Uguquko luqala ngawe yize lubuhlungu.”

Uthe yize esazisola ngakwenza ngoba lamanje uselenhliziyo eyophayo kodwa usazithethelela.

Njengoba ayelingisa indawo kaBobo kuYizo Yizo, okuwumfana owayedla izidakamizwa eSupatsela High, u-Innocent uthe akazisoli ngokulingisa le ndawo ngoba lo mdlalo wawufuna kukhulunywe ngokukhululeka ngezihloko ezinjengezidakamizwa.

Uthe intsha ingena ezidakamizweni ngenxa yokuthi ilesikhathi esinengi engenzi lutho ngaso futhi ayilabo abantu abayisibonelo esihle emphakathini.

Unxuse intsha ukuba ihambele imihlangano yomphakathi ukuze ibheke izinhlelo ezingayisiza.

EFF

Uveze lokuthi usejoyine iqembu lezepolitiki i-EFF.

Uthe okumenze wajoyina leli qembu yikuthi ufuna ukubamba iqhaza ekufukuleni umphakathi wangakubo eZola 3, Soweto.

Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds