Uncategorized

Ufuna incazelo unina wengane etshe esikolo

24 Jan, 2019 - 00:01 0 Views
Ufuna incazelo unina wengane etshe esikolo

uMthunywa

UFUNA ubulungiswa unina wengane (11) efunda esikoleni sabakhubazekile eSydenham, iDaydawn Special School, okuthiwa ibuye esikoleni ishile.

Unina wengane ephazamisekile emqondweni, ogama lakhe nelayo ligodliwe ukuyivikela, uthe ufuna isikole sichaze ukuthi ishe kanjani indodana yakhe esikoleni.

Uthe ingane yakhe ilandwe yibhasi ekuseni ngoLwesine olwedlule ingenalutho emzimbeni yabuya emini isinamapanyaza okusha emathangeni.

Ngokusho kwakhe ingane isuke ekhaya emuva kokugamanxa kwehora lesithupha ekuseni wase ethola ucingo oluvela esikoleni emuva kwehora lesishiyagalombili ekuseni lumbikela ukuthi kufanele ayilande ngoba ikhishwa yisisu kodwa bangamtshela ukuthi ilimele.

Uthe esikoleni bambikele ukuthi ingane isigezwe kabili ngenxa yokuthi izingcolisile.

Unina wengane uthe ingane ilandwe ngumzanyana wayo esikoleni kodwa kwathi uma sebeyikhumula bathola ukuthi inamapanyaza emathangeni. Uthe ngaleso sikhathi abazange baqonde ukuthi adalwe yini.

Unina wengane obesebenza ebusuku ngoLwesine uthe uthole ucingo lumbikela ukuthi ingane iyakhala ngenxa yezinhlungu.
“Ngesikhathi ngifika ekhaya sengibuya emsebenzini ekuseni ngimkhumule amaphijama ngathuka uma ngibona lapho bekunamapanyaza khona sekuxebukile kukhombisa ukuthi ishile. Ngibashayele ucingo esikoleni ngifuna ukuthola ukuthi ingane ilimale kanjani ngathola uthishomkhulu ongidlulisele kunesi wasesikoleni. Ngigcine ngithola uthisha wakhe ohlulekile ukungichazela ukuthi ingane ilinyazwe yini. Kuze kube manje akekho esikoleni osekwazile ukungitshela ukuthi ingane ilinyazwe yini,” kusho unina wengane.

Uthe indodana yakhe ayikwazi ukuzikhulumela nokwenza azwe ubuhlungu uma ecabanga ukuthi ingane yakhe yayiqandula ngesikhathi isha kodwa ingakwazi ukusho.

“Angiziboni ngibuyisela ingane yami kulesi sikole kodwa ngiyafuna ukuthi bajeze ngokulimala kwayo kabuhlungu kanje. Ingane yami ngiyayinakekela futhi ngenza konke okusemandleni ami ukuthi ihlale iphephile. Bengingazitsheli ukuthi ingalimala esikoleni ihleli nabantu engibathembile ukuthi bazoyinakekela,” kusho unina wengane.

Uthe lesi sikole asinawo amakhamera yize sinakekela izingane ezingakwazi ukuzikhulumela zisho uma kukhona into engeyinhle eyenzekile kuzona. Uthe uyafisa ukuthi uMnyango wezeMfundo ungenelele.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe baluzwe kwabezindaba udaba lwengane. Uthe namuhla bathumele iziphathimandla zomnyango ukuthi ziyothola kabanzi ngalo.

Unina wengane uthe useludlulisele nasemaphoyiseni udaba lokusha kwengane yakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokulimaza. Uthe bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko.

Share This:

Sponsored Links