UThando Thabethe uzakwethula uhlelo lwakhe kuTLC Africa

24 Aug, 2017 - 12:08 0 Views
UThando Thabethe uzakwethula uhlelo lwakhe kuTLC Africa Thando Thabethe

uMthunywa

SICINE sivelile isizatho esenze watshiya iGenerations: The Legacy, uThando Thabethe.

Izolo kuvele ukuthi uzoba lohlelo oluthi yena, azolwethula esiteshini esikhulu seTLC, kuTLC Africa.

Kubukeka izinto ziyihambela kahle intokazi njengoba iphansi phezulu ihambela imicimbi emikhulu emazweni ahlukene futhi isanda kuthenjiswa lomtshado.

Uhlelo oluthi Thando Bares All, oluzobheka izihloko ezehlukeneyo ezithinta umphakathi wakuleli, luzoqala ukubonakala ngomnyaka ozayo.

UThando uthe ngesikhathi abeTLC bemtshela ukuthi bafuna athule uhlelo, wajabula futhi waziqhenya ngokusebenza kwakhe kanzima efika endimeni yobumnandi.

“Ngingumlandeli omkhulu walesi siteshi futhi ngikujabulele ukuthola ithuba lokusebenza kuso. Ngiqale ukusebenza leTLC ngesikhathi ngiyijaji ohlelweni iNext Great Presenter ngomnyaka odluleyo bethungatha umethuli wezinhlelo zabo,” kutsho uThando.

Uthe ukuthola ithuba kuyisiqalo sokufezeka kwamaphupho akhe ngoba izinto ziya ziba nkulu kakhulu kumabonakude.

“Emkhakheni kaqedisizungu izinto zami zihamba kahle ngempela. Sengibheke ngabomvu ukuqala kokuqopha ngizwe ukuthi abantu bazizwa kanjani ngezihloko ezehlukeneyo esizobe sikhuluma ngazo.”

Izihloko ezizobhekwa ohlelweni lakhe ezithinta isithembu, ezikhuthaza abantu ukuthi baziqhenye ngemizimba yabo, esizobheka abantu abahlukene abaphumelele empilweni, esizoxhumana labantu abalenkinga yamahloni ngokukhumula kubonakale imizimba yabo leze-fashion.

“Akukho esizokufihla konke kuzokhulunywa kuhlale obala ngokukhululeka.

“Noma kanjani abantu bazosizakala ngezinto ezinengi abanye abalanhloni ngazo.”

Enkundleni yokuxhumana — Instagram abantu ngitsho osaziwayo bayihalalisele le ntokazi ngokuthola leli thuba kulesi siteshi. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds