UBilliat uphaka impi ayibhekise kwelikaPitso

15 Jul, 2021 - 00:07 0 Views
UBilliat uphaka impi ayibhekise kwelikaPitso UKhama Billiat

uMthunywa

INJINI yeKaizer Chiefs, uKhama Billiat, isebenzise amazwi kaPitso “Jingles” Mosimane oqeqetsha iqembu abazobhekana lalo kowamanqamu weCaf Champions League ngesikhathi inaba ngamalungiselelo alo mdlalo ongoMgqibelo le-Al Ahly yase-Egypt, eStade Mohammed V, eMorocco.

U-Billiat uchaze uhambo lweChiefs kuChampions League kule njengefilimu aseke wayibuka kwazise uqathanise indlela yamaKhosi leyeMamelodi Sundowns abeyingxenye yayo ngesikhathu idlala lo umqhudelwano ngo-2016.

Lo mdlali wakuleli ubeqeqetshwa uMosimane oseyinhloko yabaqeqetshi ku-Ahly ngesikhathi edla lesi sicoco leSundowns ngaphambi kokuthi asayine eNaturena.

Eminyakeni edlule, uMosimane ubejwayele ukusebenzisa amagama athi, “ifilimu aseke wayibuka” uma ezama ukuveza ukuthi ulalo ulwazi lokuzosuke kuzokwenzeka kumbe okungalindelwa.

La mazwi, uMosimane ubejwayele ukuwasebenzisa sakusonga noma sakuchoma ngesikhathi ejaha iChiefs embangweni wesicoco eminyakeni edlule.

“Sengike ngayibuka le filimu phambilini! Akekho oqonda njengami ubunzima esibhekene labo kowamanqamu kodwa lokhu akutsho ukuthi ngeke siphumelele.

“Injabulo ehambisana lokuba umpetha weChampions League ngeke ifaniswe lalutho, yingakho ukuzethemba kuphezulu kangaka.

“Ngiseqenjini elikahle futhi ngizungezwe ngabantu abakahle ngakho kulomfutho okhona nje engingeke ngikwazi ukuwuchaza.

“Kuliqiniso ukuthi sisendaweni esingakaze sicabange ukuthi sizofika kuyona kulo mqhudelwano kodwa ngoba sesifikile, sesibona kusifanele ukunqoba,” utsho kanje lo mdlali ebonga uMdali ngokumupha ithuba lesibili lokudla lo mqhudelwano.

“Lokhu esikwenza ejimini (amaqhinga okuzicijela lo mdlalo) kwenza ngikholelwe ekutheni uma sigxila kukona njengoba kunjalo, lakanjani silalo ithuba lokubuya layo indebe,” kutsho uBilliat.

Akazange abelaso kangako isandla emidlalweni yokuhlunga ngenxa yokulimala uBilliat kodwa usengumqemane manje futhi ulibhekile ithuba kowamanqamu.

“Sekungaba ithina kuphela esingadedela le nkomishi ngoba okunzima sesikwenzile. Imidlalo enzima sesidlulile kuyo manje okusele imizuzu engu-90 kuphela. Sekungaba kithina nje ukuthi sizithambise kodwa isidingo salokho asikho neze,” kutsho uBilliat.

Share This:

Sponsored Links