IPirates ikhala ngoTinkler

24 Sep, 2015 - 07:09 0 Views
IPirates ikhala  ngoTinkler

uMthunywa

UZIDONSELE amanzi ngomsele ngokuxova kumdlalo weCaf Confederation Cup umqeqetshi we-Orlando Pirates, u-Eric Tinkler, okhangelane lomqanso wokuthi enze okungcono kulumqhugelwano.

Lo ngumbono kaPapi “Yster” Khomane obalwa phakathi kwentshantshu zaleli qembu elilomlandu omude emidlalweni yase-Afrika kusukela lidle isicoco seCaf Champions League ngo-1995.

“Inkinga enkulu yikuthi ukungaqhubeki kuConfederation kuzoqhatha umqeqetshi labalandeli. Akazange aqale kahle kuPremiership kodwa ukuqhubeka kuConfederation bekusenza abalandeli banganaki okwenzekala kuligi,” kutsho uKhomane.

Phakathi kwezinto uKhomane ahlaba ngazo uTinkler kugqama indaba yokuxoveka kwesikimu emdlalweni ka-Group B weConfederation iPirates elotsholwe kuwona yiZamalek ngo 4-1 ngeSonto ebusuku.

“Kube yiphutha ukuqalisa uThabo (Matlaba) ngoba ubenesikhathi engadlali ngenxa yokulimala okumkhiphe nakuBafana Bafana. Uma uzomqalisa kungcono umbeke lapho ejwayele ukudlala khona hhayi ukumsonta. Angizange ngiqonde ukuthi besikuphi isidingo sokuqala ngoThandani (Ntshumayelo) no-Issa (Sarr) ngesikhathi esifanayo.

Kungani ubengavali ngoSiyabonga (Sangweni) noRooi (Mahamutsa) maphakathi ngoba bayazana bese edlalisa uMatlaba endaweni ayijwayele avale ngoNtsikelelo (Nyauza) kwesokudla? Kungani lo mqeqeshi ebone kungcono ukuthi aqale ngaphandle uMpho (Makola) okungumdlali osefomini ukubedlula bonke eNingizimu Afrika okwamanje?

Miningi imibuzo kodwa engikujabulelayo ukuthi ngeke iphendulwe yimina kepha ibhekene noTinkler. Isimo sibi kuyena manje ngoba kufanele aguqule izinto ngomdlalo onzima ne-Al Ahly abezama ukuyigwema kanti nakuPremiership akuhambi kahle,” kusho uKhomane.

“Asizange sidlale ngendlela ebesihlele ngayo kodwa okungikhalise kakhulu udonga lwasemuva ngokuvuza kalula. Kubuhlungu ukuthi asizange siphumelele ukunqoba kodwa yiwona kuphela umdlalo ebesivumelekile ukuthi singashaywa kuwona ngoba vele indawo yethu isikhona kuma-semi final. Okusihlalele ukuthi siqinisekise ukuthi sinqoba umdlalo wethu wasekhaya bese siya eCairo sesiyoqedela umsebenzi,” utsho kanje uTinkler ngemuva komdlalo.

Kuningi angazange akwenze kahle uTinkler kulo mdlalo ngaphandle kokushiya uMakola ekuqaleni komdlalo.

Ukukhipha kwakhe uThamsanqa Gabuza afake uMenzi Masuku akuzange kubonakale kuwumqondo ophusile njengakho ukukhipha uSarr obezama washiya uNtshumayelo obephambana nalo. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds