Uncategorized

Lihlonitshwe ngeziqu zobudokotela iciko elinegama

19 Apr, 2018 - 00:04 0 Views

uMthunywa

LIHALALISELWE nxa zonke iciko eselinguDkt Esther Mahlangu (81), elihlonitshwe ngeziqu zobudokotela eNyuvesithi yaseJohannesburg, eGoli, ngoMvulo ntambama.

UMahlangu uzakhele udumo ngemidwebo yakhe yamaNdebele esisabalele umhlaba wonke.

UNgqongqotshe wezobuCiko lamaSiko kuzwelonke, uNathi Mthethwa, uthe kule iminyaka edluleyo uMahlangu akagcinanga ngokuhambela phezulu kuphela kodwa uthwale ubuciko bakhe lomlandu wase-Afrika ngokuziqhenya.

UDJ Black Coffee uthe: “Siyabonga ngokugcina ubuciko buphila Dkt Esther Mahlangu.”

Umsakazi weGagasi FM, uDJ Le Soul, uthe uMahlangu uyibufakazi bokuthi amanye amaphupho kuthatha isikhathi ukuthi afezeke hayi ukuthi atshabalale.

Kwabanye abamhalalisele kubalwa lomculi uLira lowayengumsakazi we-5FM uPoppy Ntshongwana labanye abanengi.

Ekhuluma emcimbini ngesiNdebele, uthe ujabule ngendlela emangalisayo.

“Ngijabule ngezipho abangiphe zona lamhlanje. Ngijabule ngeNyuvesithi yaseJohannesburg. Ngijabule ngempela. Izikhulu ezenze umsebenzi omkhulu kangaka ngithi makwande lapho ezithathe khona,” kutsho uMahlangu.

Uthe abakwenze kuye sengathi bangakwenza lakwabanye.

“Ngiyajabula ngokuthi lathi amaNdebele sesembatha (amajazi),” kutsho yena ehleka.

UMahlangu wazalwa eMiddleburg, eMpumalanga ngo-1935. Ukudweba wakuqala eleminyaka engu-10 efundiswa ngunina logogo wakhe.

Useke wasebenza neBMW ehlobisa iBMW 525i Sedan kanti muva nje uhlobise iBMW 750Li Individual. Uke wahlobisa lemisila yamabhanoyi akwaBritish Airways wenza lokunye okunengi. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds