Get breaking news alerts.
Don't miss a thing.
Subscribe
Uncategorized

Utitsha udutshulwe efundisa

23 Mar, 2017 - 00:03 0 Views
Utitsha udutshulwe efundisa Umuyi uNkosazana Priscilla Thembelihle Mchunu

uMthunywa

ASIQONDAKALI isizatho sokubulawa kobebambe kwesokuba ngumphathisikolo samabanga aphakeme iLaduma High, KwaMpumuza, eMgungundlovu, odutshulwe ekilasini phambi kwabafundi.

Umdeni kaNkosazana Priscilla Thembelihle Mchunu usatshaqekile ngokubulawa kwakhe esesikolo. Kuthiwa ubefundisa ngesikhathi kungena amadoda amabili angaziwa emdubula phakathi ekilasini.

Lokhu kwenzakale ngoMgqibelo emini ngesikhathi efundisa izingane ezenza u -Matric njengokujwayelekile uma kuyimpelasonto. UNksz Mchunu ubeleminyaka engaphezu kwengu-20 efundisa.

Udadewabo kamuyi uNkszn Zanele Mchunu uthe ngoMgqibelo walesisehlakalo babekhangelele ukuthi udadewabo abuye emini kodwa kulokuthi abuye, kufike ucingo lubikela umdeni ngokulimala kwakhe.

“Sibikelwe ukuthi uhlaselwe ngabantu abamdubulele phakathi ekilasini lapho abefundisa khona. Sihlukumezekile kakhulu, ikakhulu izingane zakhe ezimbili lomama abehlala labo,” kuqhuba udadewabo.

Udadewabo uthe akathandi ukungena agamanxe ezindabeni zasesikoleni kodwa uveze ukuthi bekulenkinga esikolo abefundisa kuso udadewabo.

Uthe bafisa sengathi amapholisa angabathola ababulali bakadadewabo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN, uMnumzana Muzi Mahlambi, uthe ngeke baqagele ngokuholele ekubulaweni kwakhe. Umchaze njengomunye wababalisi abebezinikele kakhulu emsebenzini wabo. UMahlambi uthe uNgqongqotshe wezeMfundo, uMnu Mthandeni Dlungwane, uphuthume kulesiya sikolo ngemva kokuthola ngokwenzekile ngoMgqibelo.

Okhulumela amapholisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe uNksz Mchunu udutshulwe amahlandla amanengi walimala kakhulu ekhanda. Uthe amapholisa ayaphenya ngokubulawa kwakhe kodwa isizathu sokubulawa kwakhe besingakaziwa. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds