Uncategorized

Uzohlonitshwa ngefestiveli uRebecca ngengu-35 esemculweni

06 Apr, 2023 - 00:04 0 Views
Uzohlonitshwa ngefestiveli uRebecca ngengu-35 esemculweni uRebecca Malope

uMthunywa

KUJWAYELEKILE ukuthi abahleli bemicimbi bezitebele zomculo, lohulumende bahloniphe amaciko akuleli engasekho emhlabeni lokwenza kungabi lamthelela otheni. Kepha, kulokhu benza okuhlukile.

Kuhlonitshwe indlovukazi yomculo wokholo ongelinye lamaciko aduma ngezikhathi ezinzima eNingizimu Afrika, uRebecca Malope.

Exoxa lephephandaba uRebecca, uthe ukuhlonitshwa esaphila kumenza abelovalo ngoba manengi amaciko ahambayo emhlabeni.

URebecca oleminyaka engu-35 engumculi, utsho kanje ngenxa yokuthi uzohlonitshwa esadla anhlavana ngenyanga yePhasika. Kuhlelwe idili lefestiveli lokumhlonipha lokubungaza amagalelo akhe emkhakheni yezomculo. Ifestiveli izoba kusasa eBears Palace, eMpumalanga, kanti izobe igabe ngabaculi abanamava.

UMalope ukuthatha njengesibusiso ukuhlonitshwa esaphila futhi uzoba yingxenye yomcimbi. Kuzokhumbuleka ukuthi ngasekupheleni kukaLwezi ngo-2021 uMongameli wakuleli uMnumzana Cyril Ramaphosa, wamhlonipha ngendondo i-Order of Ikhamanga, ngamagalelo akhe kwezomculo, lokuhlanganisa amazwe ahlukene ngomculo.

“Kule minyaka ngisemkhakheni womculo bengilokhu ngisaba ukuthi ngokhunjulwa, ngithandwe ngoba sengingasekho emhlabeni. UNkulunkulu usengibusise kakhulu waze waqinisekisa ukuthi ngiyabungazwa ngisaphila kahle. Kubahleli bomcimbi ngizizwa ngibusisekile, sengijahe lokubona engihlelelwe khona ngoba angitshelwa konke, sekobonakala sekwenzeka,” kutsho uRebecca.

Phakathi kwabaculi abasohlwini lokunandisa kubalwa uSipho Makhabane, Solly Mahlangu, Hlengiwe Mhlaba, Takie Ndou, Sipho Ngwenya, Ncandweni Christ Ambassadors, Kholeka, Lusanda nabanye. Kwenziwa umcimbi nje, lanyakenye kwaqopheka umlando kule ndawo kulendumezulu yomcimbi weStrictly Kwaito Legends eyayilabantu abangu-15  000, ngesikhathi kuhlonitshwa isilomo somculi wekwaito, uBonginkosi “Zola 7” Dlamini. -Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds