uMthunywa
Bamberg — Abazali bezingane ezingu-8 ezatholakala zibulewe emzini oseningizimu neGermany bavele enkantolo ngoLwesibili, kanti umama usolwa ngokubulala izingane ezine kulezi.
Ubaba yena usolwa ngokufaka isandla nokufihla imikhuba kankosikazi wakhe.
Izidumbu zalezi zingane ezazisanda kuzalwa zatholwa ngoNovemba zigoqwe ngamathawula zase zifakwa koplastiki emzini walezi zithandani eWallenfels.
Abashushisi basola umama ngokubulala ehlelile lezi zingane ezine.
Okwamanje akucaci ukuthi lezi ezinye izingane zazalwa sezishonile noma cha.
Ngokwabashushisi, lababazali babulala lezi zingane ngoba bengeke bakwazi ukukhulisa ezinye izingane.
Lezi zithandani, ezahlukana ngaphambi kokutholakala kwalezi zidumbu, zinezingane ezintathu eziphilayo.
— DPA