Uncategorized

Uyavela enkantolo ngokubulala izingane ezine

15 Jul, 2016 - 00:07 0 Views
Uyavela enkantolo ngokubulala izingane ezine

uMthunywa

Bamberg — Abazali bezingane ezingu-8 ezatholakala zibulewe emzini oseningizimu neGermany bavele enkantolo ngoLwesibili, kanti umama usolwa ngokubulala izingane ezine kulezi.

Ubaba yena usolwa ngokufaka isandla nokufihla imikhuba kankosikazi wakhe.

Izidumbu zalezi zingane ezazisanda kuzalwa zatholwa ngoNovemba zigoqwe ngamathawula zase zifakwa koplastiki emzini walezi zithandani eWallenfels.

Abashushisi basola umama ngokubulala ehlelile lezi zingane ezine.

Okwamanje akucaci ukuthi lezi ezinye izingane zazalwa sezishonile noma cha.

Ngokwabashushisi, lababazali babulala lezi zingane ngoba bengeke bakwazi ukukhulisa ezinye izingane.

Lezi zithandani, ezahlukana ngaphambi kokutholakala kwalezi zidumbu, zinezingane ezintathu eziphilayo.
— DPA

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds