Uncategorized

Uvalo kusenyuka izibalo zeCovid-19

10 Nov, 2022 - 00:11 0 Views
Uvalo kusenyuka izibalo zeCovid-19 Covid-19

uMthunywa

SEKUQUBUKE itwetwe ngoba kuthiwa siyenyuka isibalo sabahaqwe yiCovid-19 ikakhulu eKwaZulu-Natal, eSouth Africa.

Umnyango wezeMpilo kuzwelonke unxusa abantu ukuba baqhubeke ngokulandela imilayo yokuvikela iCovid-19 ngoba zibukeka zisenyuka izibalo zabahaqekayo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uMnumzana Foster Mohale, uthe basacwaninga ukuthi kudalwa kuyini ukwenyuka kwezibalo zakwamuva.

“Kubonakala kwenyuka izibalo zabantu abahaqekile ezifundazweni ezifana leKZN lezinye. Okwamanje akukho okuthusayo kodwa kuyadingeka ukuthi abantu bahlambe izandla, baqhelelane bagcine yonke imithetho ngoba akukaze kutshiwo ukuthi iphelile iCovid-19,’’ kuchaza uMohale.

iCovid-19

Uqhube wathi alukahlonzwa uhlobo noma umxhantela omutsha weCovid-19 futhi ngeke baqinisekise ukuthi izwe selingene kwesinye isiwombe seCovid-19. Ugcizelele ukuthi abantu kufanele bazibheke ikakhulu ngoba kubhekwe emakhefu okuphela komnyaka, kuzogujwa uKhisimusi.

“Sigqugquzela ukuhlatshwa kulabo abangakahlatshwa bese labo abahlatshiweyo bahambe bayojova owokuchibiyela, ukulekelela umgomo.

Uma kukhona umbiko sizobazisa abantu kodwa okwamanje abazibheke,’’ kweluleka uMohale wengeza ngokuthi umnyango wenza konke okusemandleni ukubhekana lesimo futhi uma kukhona okufanele abantu bakwazi, kuyomenyezelwa.

Ukhuluma kanje nje uMohale, kuke kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kulodokotela weThekwini, obexwayisa abantu ukuthi abaqaphele ngoba iCovid-19 ibuye ngenzinkani. ICovid-19 yagasela kuleli ngoMbimbitho ngomnyaka ka2020, yatshiya kukhalwa ngemva kokuthatha imiphefumulo yabantu abanengi.

Ukuhlasela kwayo kwakhahlameza umnotho welizwe ngesikhathi kumiswa kwasani ngenhloso yokunqanda ukusabalala kwayo.

Lokhu kwaholela ekutheni kuvalwe ezinye izinkampani lezimboni kwanda isibalo sabantu abangasebenzi kuleli. Izwe lamanje lisazama ukubuyela esimeni esejwayelekile.

Umnyango wezeMpilo kuzwelonke weluleka abantu bakuleli ukuthi baqikelele ukuthi balandela imigomo yokuvikela iCovid-19.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds