Uncategorized

Uthi uvutha bhe ona-102 ojola nole-37

03 Mar, 2016 - 00:03 0 Views
Uthi uvutha bhe ona-102 ojola nole-37 Ufuna ukulobola ole 102

uMthunywa

JOHANNESBURG — Ikhehla elineminyaka engu-102 ubudala lithi lizimisele ngokushadelwa ngowesifazane elithandana naye oneminyaka engu-37 ubudala.

“Ngihlela ukubanaye ngize ngife,” kusho uJapan Mfeka waseThokoza, eKurhuleni.

“Ngifuna ukuthumela umndeni wami emndenini wakhe ukuba bayoqalisa izingxoxo zamalobolo.”

Leli khehla lithi lahlangana nentombi yalo, uNhlanhla Nkosi, ngo-2006 kanti bathandana beqala nje ukubonana.

“Abantu bathi ngeke ngikwazi ukumelana nowesifazane omncane kangaka kodwa sathandana kusukela eneminyaka engu-23 ubudala futhi kuhlale kumnandi,” usho kanje.

UJapan, onezingane ezine, uthi akumkhathazi ukugxekwa ngumndeni wakhe noma abantu basendaweni, akekho ongabahlukanisa.

“Ngiyamnakekeza futhi nasembhedeni ngishaya into ephezulu. Ngizizwa njengebhungu uma nginaye,” usho kanje.

Ukhombise iDaily Sun amakhambi awasebenzisayo ukuze anelise umuntu wakhe njengoba ethi usemdala phela yena manje.

UNhlanhla akafunanga ukukhuluma ngempilo yakhe ngaphambi kokuba ahlangane noJapan.

“Ngizizwa sengathi selokhu ngazalwa sihlale sindawonye. Uyanginakekela,” usho kanje.

“Akadlali ngabantu besifazane bese eyabashiya. Kungangijabulisa kakhulu uma engalobola.” — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds