Uncategorized

Usolwa ngokubulala uyise obuzwe ukuthi uyile yini esikolo

03 Mar, 2016 - 00:03 0 Views

uMthunywa

CAPE TOWN — Owesilisa uklajwe ngocelemba washona, kanti kulesi sigameko kusolwa indodana yakhe angayizali nabangani bayo, kusho umbiko.

Isisulu (39), kuthiwa besihlezi ngaphandle komuzi waso ngesikhathi indodana (17), ifika nabangani bayo abane basihlasela, kubika iDaily Voice.

Lesi sigameko senzeke kuNtlazane Street, emijondolo yaseNkanini, eKhayelitsha, ngeSonto.

Umshana wesisulu uthi umalume wakhe waxabana nendodana yakhe ngoMgqibelo.

“Yabe isicasuka indodana yakhe ngesikhathi umalume eyibuza ukuthi iyile yini esikoleni ngoLwesihlanu,” kusho umshana.

“Ibicasukile ichapha umalume ngenhlamba, imsabisa ngokumbulala. Kuthe ngeSonto yabuya nabangani bayo behlomile base behlasela umalume.”

Umshana uthi benze isiqiniseko sokuthi umalume wakhe bamshiya ebanda.

Okhulumela amaphoyisa uNasiphi Same uthi kuvulwe icala lokubulala kanti akukaboshwa muntu. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds