Uncategorized

Uqunywe wabhotshozwa isisu obekhulelwe

08 Oct, 2015 - 12:10 0 Views

uMthunywa

UTHUKA izanya umndeni wowesifazane obekhulelwe otholakale esetshonile, equnywe umqala okwembuzi wabhotshozwa lesisu.

Umndeni kaNikeziwe Nomvalo (18) uthe uhlalele evalweni kulandela lesisehlakalo esenzakale ngoLwesibili eBhala, eMzimkhulu.

UNikeziwe obeselenyanga eziyisitshiyagalolunye ekhulelwe kuthiwa ubevela esikolo lapho afunda khona uGrade 12 eyohlangana lesoka lakhe edolobheni ngesikhathi eduka.

Isolezwe lithole ukuthi sekungokwesithathu kubulawa umuntu ngale indlela endaweni le.

Kulezinsolo zokuthi kulomalugaju endaweni.

Lumfundi kuthiwa ubehlala eduzane lesikole eChancele, wasuka mhlaka 30 Mpandula waya edolobheni eMzimkhulu esiyahlangana lesoka lakhe.

Kuthiwa wadlula kwesinye isihlobo sakhe edolobheni ukuze axhumane lesoka, elamyalela ukuba bahlangane ndawana thize khona edolobheni. Wasuka kuleso sihlobo eseyobonana lesoka, wangabe esaphinde watholakala.

Isidumbu sakhe saze satholwa ngakusasa eduzane kwendawo yangakubo (esigodini iCabazi) ebulewe ngesihluku lezinye izicubu zomzimba zingasekho.

Okhulumela amapholisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokubulala emuva kokutholwa kwesidumbu sowesifazane.

“Lo owesifazane ubenqunywe umqala, elenxeba lokugwazwa esiswini. Bekungakabotshwa muntu ngesigameko kodwa amapholisa aseMzimkhulu asaphenya ngesigameko,” kutsho uZwane.

Ilungu lomndeni, uNksz Nomvuyiso Msiya, lithe badidekile futhi balovalo njengoba bengazi ukuthi ngubani ohlasele umufi.

“Siyesaba ngoba asazi ukuthi ngubani ohlasele uNikeziwe. Kunzima lokuphuma emnyango ngoba asazi ukuthi kuzokwenzekani kithi. Kule indawo sekuyinto ethathwa njengejwayelekile ukubulawa komuntu aqotshwe nje.

UNikeziwe ungowesithathu kwababulewe ngoMpandula ngendlela ecitshe ifane. Asazi noma umbulali uzofuna ukuqotha umndeni wonke njengoba kukhona izicubu esingaziboni kahle emzimbeni wakhe,” kutsho uNksz Msiya.

Isoka lalo wesifazane akade eyohlangana lalo akucaci ukuthi bagcina behlangene yini lalo. Umndeni kaNikeziwe uthe alikaze lifike lizobabona selokhu ebulewe umufi. Umndeni uthe uyalazi leli soka njengoba selake lavakatsha umufi esaphila. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds