UProfessor ule-albhamu entsha ngemva kweminyaka

31 Mar, 2022 - 00:03 0 Views
UProfessor ule-albhamu entsha ngemva kweminyaka UProfessor

uMthunywa

UMCULI we-kwaito, uProfessor, ulungiselela ukukhipha i-albhamu entsha ngemva kweminyaka UProfessor uthe kulabamtshela ukuthi angene kwezokulingisa. UProfessor useleminyaka eyibambile emculweni njengoba waqala ukugqama ecula ngokubambisana loT’zozo ngaphambi kokuzimela.

Uthe uyabona labanye ozakwabo bangena kweminye imikhakha kodwa yena akathandi ukwenza into ngoba ebona abanye njengoba ezokhuza ibuya nge-albhamu entsha.

“Sengithole izicelo ezinengi zabathi bafuna ngilingise. Angikakulungeli, ngifuna ukuthatha isikhathi sami. Ngiyababona ozakwethu bekwenza lami ngiyafisa kodwa ngifuna kuzenzakalele ngokwemvelo ngesikhathi esifaneleyo, ngingakuphoqi,” kutsho uProfessor.

Lo umculi ohlala eThekwini laseGoli, ukhiphe umculo omutsha ngoLwesihlanu, lengoma ethi Ezangakini apike kuyo uShwi loSun-El Musician.

“Ngijabule ngokusebenza labantu engibahloniphayo. Ngifike ngapheka ingoma yadidiyelwa nguPex yabe isiya kuSun-El Musician ngaphambi kokuyiphonsa kuShwi. Ivele yadlubulundela, yazicelela ukuba ngeyokuqala kwi-albhamu engizoyikhipha,” kuchaza yena.

I-albhamu yakhe kuzoba ngeyokuqala emuva kweminyaka emine njengoba agcina ngethi Composed By Jesus Christ eyayilengoma ethi Brand New ayepike kuyo uFey ngo-2018.

Uthe obekwenza angakhiphi i-albhamu kule minyaka ukuthi bekuvele kube lokumvimbayo, angabi lawo umdlandla.

“Ngisebenze nezingoma ezilomuzwa wakudala woPatricia Majalisa, Dalom Kids, Khanyo Maphumulo labaculi abatsha njengoSimmy, Sun-El Musician, Kwesta, Kabza De Small, Youngstuna, Daliwonga nabanye. Uma abaculi abatsha bethi bengathokoza ukusebenza lami, ngeke ngiliyeke ithuba ngoba yibo abaphethe manje.

“I-albhamu yami izobe inengwijikhwebu yomculo, into ongeke uyilindele ungazi noma uzocula noma uzorepha kodwa uzozwa ukuthi wuProfessor. Yinto emnandi nje edidiyelwe kahle.

“Bengifisa ukuthi iphume ngaphambi kweDurban July kodwa ngaphambi kokuthi iphume kuzoba khona enye ingoma,” kuchaza yena. – Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds