UPenny Penny ubaphoxe kabi abathi isiNgisi sakhe “siphashile”

21 Jan, 2017 - 00:01 0 Views
UPenny Penny ubaphoxe kabi abathi isiNgisi sakhe “siphashile” Penny Penny

uMthunywa

Johannesburg — Inkakha yomculo we-Xitsonga uPenny Penny uphenduke undabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mculi oselohlelo lwempilo yakhe oludlala kuMzansi Magic olubizwa nge-Papa Penny Ahee uthi kuyamjabulisa ukuthi banengi abantu abebebukele ukuqala kwalolu hlelo.

Lo mculi utshele abe-TshisaLive  ukuthi ulijabulele leli thuba lokubonisa umphakathi ukuthi uphila kanjani, ubuye wathi ngeke akhulume ngokugxekwa kwakhe ngokungakhulumi isiNgisi esiqondile.

“IsiNgisi akulona ulimi lwami futhi ngeke ngiziguqule, ngiziguqulele abanye abantu. Angizalwanga ngikhuluma isiNgisi, isiNgisi ngisikhuluma kuphela uma kulesidingo futhi angigxili kiso,”kutsho yena.

Lo mculi uqhubeke wathi okubalulekile wukuthi abantu akhuluma nabo basuke beyiqondisisa into ayishoyo.

Lo mculi uthe ubehleli nomndeni wakhe bebuka lolu hlelo ludlala okokuqala ngoLwesithathu futhi baluthokozele kakhulu.

— News24

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds