Uncategorized

Umfundisi uzibulale lomkakhe

19 Nov, 2015 - 16:11 0 Views
Umfundisi uzibulale lomkakhe Umfundisi Mbuyiselwa Gumede

uMthunywa

USATSHAQEKILE umphakathi we-Adams Mission, eThekwini kweleSouth Africa ngesenzo somfundisi weZayoni odubule umkakhe qede wazibulala laye.

UMfundisi Mbuyiselwa Gumede (71) webandla iBuhle beStar Church in Zion ungqokloze umkakhe, uNkosikazi Angela Gumede (49) maqede wazidubula naye.

Lesi gameko esishiye abaningi bebambe ongenzansi senzeke ngoMsombuluko emajalidini aseManzimtoti eduze kwalapho bekusebenza khona inkosikazi.

Umndeni uthi ushayelwe ucingo ngabantu abasebenza noNkkz Gumede bebazisa ukuthi uGumede usedubule umkakhe naye wazidubula.

Kuthiwa ubemcuthele ngasemsebenzini nje, yingoba bese kuphele izinyanga inkosikazi yaqoqa okungokwayo yabuyela kubo kwaMasondo ngenxa yokungahlali kahle emzini.

Indodakazi kaNkkz Gumede ayithola engakashadi, uNkosazana Silungelo Masondo, ithe unina ubehlushwa yindodana kaGumede obekuthi uma iphuzile imhlukumeze, waze wanquma ukubuyela kubo.

“Umama ubesekhathele wukuhlunyukezwa yindodana kaGumede obekuthi njalo uma isuthi ijiki ikhwele phezu kwekhanda lakhe. Okubi wukuthi noGumede ubevuna indodana yakhe. Utshele umama ukuthi uma ehamba makahambe unomphela kodwa nguye futhi obesemncenga ukuba abuye kodwa wenqaba,” kulandisa indodakazi.

UNkszn Masondo uthi bese kukaningi umfundisi efika kwaMasondo ezocela ukuba kuxoxiswane kodwa bekugcina sekushuba umoya kugcine kungafikwanga esixazululweni ngoba unina ubembuza ukuthi uzokwazi yini ukutshela indodana yakhe ukuba ihlukane nokumhlukumeza. Uthe emhlanganweni wokugcina uGumede wathela phansi ngempama unina phambi komndeni kanti emva kwalokho ubesemshayela izingcingo emsabiza.

Ithe unina ubesethole ngisho incwadi yenkantolo evimba uGumede ukuthi angasondeli eduze kwakhe.

Ithi beyazi ukuthi unesibhamu esisemthethweni okuthiwa yiso asisebenzisile.

Ithe yize bethukile ngesigameko kodwa bese bebona ukuthi lukhulu luyeza ngoba besebethole ukuthi uGumede udwebe izithombe ezimbili zamathuna athe ngelakhe nelenkosikazi.

Omunye womakhelwane ongathandanga ukudalulwa uthe basashaqeke kakhulu ngalesi sigameko wathi ubona sengathi indawo yase-Adams isahlaselwe yidimoni njengoba khona eduze komndeni wakwaMasondo kusanda kuzilengisa umfundi obefunda eMasakhane Primary.

Uthe nesigameko sokuzidubula kukaMnumzana Sandile Sithole kuyo le ndawo sisesisha ezingqondweni zabo njengoba sekwenzeka lokhu.

UMnu Sithole, Isolezwe elibike kakhulu ngaye, uzidubule emasontweni amabili adlule wabe eseshiya incwadi lapho ethe ubesehluleka wukubekezelela ukwazi ukuthi umkakhe ulalwa ngabanye besilisa ekubeni esaphila yena.

Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uthe amaphoyisa akwaMakhutha avule icala lokubulala nelokufa komuntu.

Imizamo yokuxhumana nomndeni kaGumede ayizange iphumelele. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds