Uncategorized

Umfundisi ezinsolweni zocansi

29 Dec, 2016 - 00:12 0 Views
Umfundisi ezinsolweni zocansi

uMthunywa

Bawinile Ngcobo
UMFUNDISI Clifford Makhanya usola ipolitiki yangaphakathi ebandleni ngezinsolo zokuthi ufuna ucansi emakholweni esifazane uma ewakhulekela.

UMfundisi waseBusheni Faith Mission eManguzi, KwaMhlabuyalingana, usolwa ngabanye abazalwane ngokubacela ucansi uma ebakhulekela.

Isolezwe lithole ukuthi uMfundisi Clifford Makhanya (34) umisiwe ekutshumayeleni ebandleni ngenxa yalezi zinsolo.

Abesifazane ababili abathi bayizisulu zikaMakhanya abakhulume neSolezwe bathe le nceku ize yabathembisa ngitsho umtshado ithi induku yayo inogcobo lukaNkulunkulu ngoba uthola abantwana uma ungelabo.

Omunye walaba besifazane utshadile, omunye katshadanga kanti bathi bakhethe ukuphumela obala ngoba befuna kusizakale labanye abasenkingeni efanayo kodwa abesabayo ukuphumela obala.

Uma echaza omunye wabesifazane uthe ubengumholi wentsha kanti uMakhanya ubengumuntu wokuqala ambikelayo uma elenkinga.

“Ngelinye ilanga ngiye kuye ngicela angikhulekise ngifuna ukuthola umsebenzi njengoba kade ngaqeda ukuphothula iziqu zami kodwa angiwutholi umsebenzi. Waqale wathi asikhuleke ngemuva kokukhuleka wangitshela ukuthi unezinkinga emtshadweni wakhe ngenxa yokuthi wathola unkosikazi ongakhethwanga nguNkulunkulu. Ngosuku olulandelayo wangibiza saxoxa wathi ufuna ukungitshada, imizwa yakhe ifuna mina. Ngadobeka ngagcina sengimthanda ngoba ethe umatasa ngesehlukaniso,” kuchaza owesifazane.

Owesifazane oshadile naye okhala ngoMakhanya uthe waya kuye eyofuna umkhuleko ngoba esetshade iminyaka emihlanu engatholi abantwana.

“Waqala wangibikela ngonkosikazi wakhe wathi watshada umuntu okungeyena, wacela ukungitshada, wethembisa ukuthi ngizobathola abantwana uma ngilala naye. Wayegxeka umyeni wami ethi akakholwa, encoma induku yakhe ethi inogcobo.”

Isolezwe lithole ukuthi isigungu esiphezulu sebandla sithathe isinqumo sokumumisa uMakhanya kuze kuphothulwe uphenyo.

UMakhanya ethintwa ngalolu daba uvumile ukuthi lukhona wagxeka izikhulu zebandla wathi ziphethwe yipolitiki enenzondo ngaphakathi ngoba zifuna ukumcekela phansi.

Uthe yizo ezithumele abesifazane ukuze kungcoliswe igama lakhe.

“Seluxoxiwe lolu daba kodwa alukafiki esiphethweni yikho ngingathandi ukukhuluma ngalo kakhulu. Akekho owesifazane engake ngamcela ucansi, yinto esabalaliswa ngabathile abangangifuni kuleli bandla,” kutsho uMakhanya.

Unobhala webandla, uMnu Khoza (unqabile legama lakhe), uthe lezi zindaba zibucayi ngeke azikhulume nephephandaba.

“Akukho engikubikelwe yizisulu kodwa ngisazophenya ukuthi ubani okhiphe lolu daba,” kutsho uKhoza. Abesifazane bakugcizelele ukuthi bambikela uKhoza wathi bazomumisa uMakhanya.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds