Uncategorized

Umbalisi udutshulwe wafa abafundi bebukele

27 Jul, 2017 - 06:07 0 Views
Umbalisi udutshulwe wafa abafundi bebukele

uMthunywa

KUBATSHAZWA isihluku okubulewe ngaso uthitsha we-Albini High, eNtshongweni, uSifiso Shangase obedume ngelikaToti, odutshulwe ngenhlamvu ezimbalwa ephuma esikolo ngoMvulo ntambama.

UShangase (48) kuthiwa udutshulwe ezimpambanweni zomgwaqo kule indawo abafundi bekhangele ngabo-3 ntambama.

Okhulumela amapholisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe uShangase ufike kulezi zimpambano, wama walinda ukuze kudlule enye imota.

Uthe limota ayidlulanga kodwa kwehla amadoda amabili amdubula kanengi.

“Ufele khona lapho. Ubengumnikazi wamatekisi kanti imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa. Amapholisa ayaphenya,” kutsho uColonel Mbhele.

IPhini likaNobhala weSadtu, uMnumzana Bheki Shandu, lidlulise amazwi endunduzo kumuli kaShangase.

Uthe yize lokhu kwenzeke ngaphandle kwesikolo kodwa bakhathazekile ngokubulawa kukatitsha.

“Ababulali balindile kwaze kwavulwa izikolo ngaphambi kokuba bambulale. Bakwenze lokhu besazi ukuthi uzobe ebuya esikolo. Okubuhlungu kakhulu kuthiwa udutshulwe ngezinhlamvu ezingaphezulu kwe-10 kubuka abafundi abebehamba ngezinyawo okuyinto esiyigxeka kakhulu. Njengelunga lethu sidlulisa amazwi enduduzo emdenini wakhe, kubafundi labangane bakhe,” kutsho uShandu.

UMnumzana Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uMnu Mthandeni Dlungwane, udlulise amazwi enduduzo kubafundi, kukatisha base-Albini, nasemndenini kamufi.

“UNgqongqoshe udabukile ngokubulawa komunye wothisha ephuma emsebenzini. Amaphoyisa sengathi angababamba abenzi bobubi umthetho usebenze,” kusho uMthethwa.

Kwenzeka lokhu nje ngeledlule kubulawe iPhini likaSihlalo kasoseshini wakuleli lokitshi eCato Ridge.

Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayiphumelelanga. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds