Uncategorized

Ulengise amadodakazi naye wazikhunga

27 Jun, 2019 - 00:06 0 Views
Ulengise amadodakazi naye wazikhunga

uMthunywa

KULENDODA ehilele amadodakazi ayo amabili layo yasizilengisa ngemva kwengxabano yasekhaya ePolokwane, eLimpopo, ngoMgqibelo ebusuku. 

Izikhulu zamaphoyisa aseLimpopo zikugxekile lokhu okwenzeke ngo-10 ebusuku esigodini saseNgaleng, eGa-Mamabolo, eMankweng, ngaphandle kwasePolokwane.

Kuthiwa indoda yaxabana nenkosikazi yayo ngonyaka odlule baze bahlala ngokuhlukana. Inkosikazi yathatha izingane zabo ezimbili yahamba nazo yabuyela kubo eSekgosese, eGiyani. 

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uColonel Moatshe Ngoepe, uthe: “NgoMgqibelo izingane zibuyele kubo eMankweng zizovakashela uyise njengoba kuvalwe izikole. Ngesikhathi zifika uyise ube eseshayela ucingo inkosikazi yakhe, bahilizisana ocingweni.” 

“Eqeda ukukhuluma nocingo, uyise wezingane uphendukele kuzo, wazihilela emakamelweni ahlukene. Ube esebaleka. Amaphoyisa athintiwe aphuthuma ekhaya lendoda. Ube esethungathwa uyise wezingane watholwa komunye umuzi endaweni naye esezilengisile.”

Amantombazanyana abeneminyaka eyisishiyagalombili nemihlanu. 

Uyise wezingane ubeneminyaka ewu-38. 

UNgoepe uthe amaphoyisa avule amacala amabili okubulala nedokodo ngokushona komuntu. Uphenyo luyaqhubeka. 

Ibamba likakhomishana waseLimpopo, uMajor General Jan Scheepers, usigxekile lesi senzo.

Unxuse ukuba amalungu omphakathi acele usizo uma enezinkinga zasekhaya, angakhethi ukubulala, ikakhulukazi izingane ezingenacala. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds