Uncategorized

Uhlale usuku lonke nommese emhlane

17 Dec, 2015 - 00:12 0 Views
Uhlale usuku lonke nommese emhlane

uMthunywa

UKHALA ngesihluku sonesi basesibhedlela, seMahatma Gandhi Memorial, ugogo womfana ohlale usuku lonke lengqamu ibhajwe emhlane wakhe oze wakhitshwa eNkosi Albert Luthuli kuthange emadabukakusa.

Ugogo kaMnuz Mondli Majola, uNksz Dorothy Madonsela (64), waseNewtown C, eNanda, uthi umzukulu wakhe ugwazwe ngaphandle kwasendaweni yokucima ukoma iG-Lounge.

“Kuthiwa kuqhamuke omunye ephethe ummese wavele wamgwaza emhlane eduze komgogodla, ummese wasala phakathi. Mina ngibizwe abangani bakhe sebethi angiphuthume usegwaziwe. Ngithuke ngoma ngibona ummese ungene ntshi emhlane, sathi siyazama ukuwudonsa kepha sathola ukuthi uqinile sasaba ukuwukhipha ngenkani.

Simphuthumise emtholampilo lapho abasibizele i-ambulensi ukuthi imdlulisele esibhedlela iMahatma Gandhi. Sifike emaGandhi onesi bathi lokhu abakubonayo kungaphezu kwamandla abo, bazomfonelela i-ambulensi ukuthi imphuthumise eNkosi Albert Luthuli,” kutsho uNksz Madonsela.

Uthe uzitshele ukuthi udaba lwakhe bazolisukumela kodwa bavele babahlalisa usuku lonke emabhentshini.

“Ubengakwazi ukuhlala aqonde ngenxa yalo mmese. Ubelokhu ekhale ngezinhlungu lovalo lokuthi ummese ungagcina usuwenze umonakalo omkhulu. I-Ambulensi yokuqala imnqabile yathi ibingazile ukuzothatha yena.

Eqondane laye ifike ngesikade bathi kuzomele kube lonesi oyedwa ozosiphelezela uma sebemdlulisela esibhedlela iAlbert Luthuli. Bonke onesi abebekhona bale baphetha ukusiphelezela bathi sebezotshayisa futhi abakhokhelwa imali yokusebenza uma sekweqe isikhathi. Bagcine sebeduba behamba abe ambulensi, basitshiya kanjalo, lonesi babe bethatha izikhwama zabo bagoduka. Size sasizwa ile ambulensi ebisilethe ekuseni isifike ngokunye, basizwela basihambisa eAlbert Luthuli. Ilapho abafike basitatazelela khona bagcina ngokuwukhipha ngabo 4,” kutsho uNksz Majola.

Uthe bengumndeni bafuna uMnyango weZempilo ubathathele izinyathelo ezinqala labonesi abakhombise ukungabi landaba lempilo yomfana.

“Kuyimanje umzukulu wami uxinekile esibhedlela. Ngibonga ukuthi usaphila, kodwa labonesi ababukise ngathi basiphendula inhlekisa esibhedlela kumele bajeze. Uma belenkinga abakhulume longqongqoshe wezempilo uDkt S’bongiseni Dhlomo hhayi ukuthi basijezisele amacala esingawazi. Ukube ubetshona umzukulu wami bebezothini?” kubuza uNksz Madonsela.

Uthe alikho icala abalivulile emapholiseni ngoba uze wabuya izolo ekuseni ekhaya futhi umnikazi wendaba usaxinekile esibhedlela.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu Natal, uMnuz Sam Mkhwanazi, uthe Umnyango wakhe usalinde umbiko ogcwele mayelana nalesi sigameko. Uthe bazobheka ukuthi laba basebenzi bayilandelile yini imigomo efanele yokubhekana nesimo esibucayi sesiguli. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds