Uncategorized

Ugwaze intombi naye wazigwaza ngenxa yeWhatsApp

21 Apr, 2016 - 00:04 0 Views
Ugwaze intombi naye wazigwaza ngenxa yeWhatsApp

uMthunywa

KUSOLWA ukuthi lidinwe nguWhatsApp isoka eligwaze labulala intombi uNkosazana Zinhle Duma (30) waseSiyanda, ngaKwaMashu maqede lazigwaza entanyeni ebhilidini abebesebenzela kulo edolobheni eThekwini izolo ekuseni.

Kuthiwa uNkszn Duma, obedayisa esitolo esisesitezi sesine kulelibhilidi, ubehlezi phansi ecofa iselula yakhe ngesikhathi kugasela isoka lakhe limsola ngokukhuluma nenye indoda kuWhatsApp.

Isoka kuthiwa lalo belisebenza kulelibhilidi ehhovisi labameli.

Ngokutsho kwephoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, isoka lithukuthele lagana unwabu ngesikhathi lifica uNkszn Duma ekuWhatsApp kwiselula yakhe.

“Ngokutsho kwesibafice endaweni yesigameko isoka lihlulekile ukuzibamba labhoka ngolaka lisola intombi ngokuqoma kuWhatsApp.

Kuthiwa livele lakhipha ummese layigwaza. Lithathe ummese lazigwaza entanyeni lapho ufike wabhajwa khona,” kutsho ipholisa.

Umalume kaNkszn Duma, uMnu Sibusiso Duma (41) uthe bathintwe ngumngani kamshana wakhe othole ucingo oluvela kumsolwa.

“Umsolwa ushayele umngani kaZinhle ucingo ohlala eduze lathi.

Umtshele ukuthi ngeke aphinde ambone nomngani wakhe. Lithe selimbulele, nalo liyozibulala ngoba ngeke likwazi ukubhekana necala.

Kuthe sisathukile sathola ucingo oluvela emsebenzini kaZinhle luthi asiphuthume sekwenzeke umonakalo.

Simfice evele eseshonile umtshana.

Siphatheke kabi ngoba simgcine ekuseni eya emsebenzini kanti asazi ukuthi ngeke siphinde simbone.

“Lomfana kutsho ukuthi ubengafuni ukwaliwa ngoba umtshana ubesemtshele kaningi ukuthi akasamfuni,” kutsho uDuma.

Uthe ngonyaka odlule kwahlangana umndeni walungiselela usuku lokufika kukamsolwa nabakubo bezocela isihlobo esihle kepha bagcina bengafikanga.

“Ukungafiki kwabo kwamdumaza kakhulu umshana, ikakhulukazi njengoba umndeni wase wenze amalungiselelo okuthi kuza abakhwenyana.

Ubudlelwane bamosheka lapho.

“Asazi nokuthi unina kaZinhle sizomtshela kanjani loludaba ngoba uZinhle ubelithemba lakhe.

Ubengaze ambulale ngesihluku esingaka pho?” kubuza uDuma.

Ilungu lomndeni kamsolwa lithe uNkszn Duma ubaziwa emndenini njengoba ubejwayele ukuvakasha.

“Sithukile sesithola ucingo oluvela emsebenzini kabhuti kuthiwa usegwaze intombi yakhe maqede wazigwaza.

Sifike isidumbu sikaZinhle sesimboziwe, ubhuti esephuthunyiswe esibhedlela kuthiwa ummese ububhajwe entanyeni.

“Uyiswe esibhedlela i-Addington, wadluliselwa eNkosi Albert Luthuli. Sisesibhedlela kumanje asazi noma uzosinda yini.

Sifuna asichazele kahle ukuthi ubengenelwe yini aze enze into enje,” kutsho ilungu lomndeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi owesifazane oneminyaka ewu-30 kusolwa ukuthi ugwazwe yisoka lakhe washona.

“Ubelenxeba lokugwazwa esifubeni nezibazi zokuklinywa entanyeni. Umsolwa utholwe enenxeba lokugwazwa entanyeni, uphuthunyiswe esibhedlela lapho eqashwe khona ngamaphoyisa. Imbangela yesehlakalo ayikaziwa okwamanje.

“Amapholisa aseDurban Central aphenya icala lokubulala,” kutsho uZwane.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds