Uncategorized

Ubezama ukuzivikela otshumpule amaphambili omkakhe

26 Jun, 2015 - 14:06 0 Views
Ubezama ukuzivikela otshumpule amaphambili omkakhe Umnu Joseph Mzimela otshumpulwe amaphambili

uMthunywa

UBEZIVIKELA unkosikazi osolwa ngokuzama ukutshumpula amaphambili womyeni wakhe.

UNkkz Roselyn Mzimela (48) osolwa ngokuzama ukutshumpula umphambili womyeni wakhe uMnuz Joseph Mzimela (57) uthe wayezama ukuzivikela kumyeni wakhe owayefuna ukulala naye ngenkani.

NgoLwesibili Isolezwe labika ngokulimala kukaMzimela obesola umkakhe, abebehlala naye eDassenhoek ngasePinetown, ngokuzama ukumtshumpula umphambili. UNkkz Mzimela waqale waziphika ngesikhathi Isolezwe lizama ukumthola ukuze aziphendulele kuloludaba. Ukuphikile ukuthi wayezama ukumtshumpula ubuntu bakhe umyeni wakhe, wathi wayezama ukuzivikela.

“UMzimela wahamba ekhaya ngoLwesihlanu ebusuku wathi uyoqoqa izikweleti zakhe. Waze wabuya ngakusasa ngo-11, wahamba waya kumngani wakhe uVezi. Babuye sebephethe iSmirnoff nobhiya abafike bakuphuza endlini,” kuchaza uNkkz Mzimela.

Uthe umyeni wakhe waphuma ngemoto wabuya nentombi yakhe wangena nayo endlini.

“Ngithe uma ngiyibuza ukuthi ifunani kwami yangitshela ukuthi akukho la okubhalwe khona ukuthi ‘akungenwa’”. Ubuye wahamba nayo le ntombazane wayongena nayo ekamelweni lethu bahlala isikhathi nje impela,” kusho uNkk Mzimela.

Uthe ngokuhamba kwesikhathi uMzimela waphuma ekamelweni esegqoke isikhindi sangaphansi wafuna ukulala naye ngenkani.

Uthe yilapho okusuke khona isidumo esaholela ekutheni kulimale uMzimela.

“Waphuma egqoke isikhindi sangaphansi wafuna ucansi nakimi. Wangithuka engitshela ukuthi bonke abanye abantu bayalala nami kodwa yena lutho.

“Angazi nami ukuthi kwenzekani ngase ngidinwe kakhulu ngavele ngambamba isitho sakhe sangasese kanti kuzovele kuhlusuke inyama. Angizange ngimsike ngalutho ngambamba kabuhlungu nje ngoba ngenziwa ukudinwa. Bewungenze njani umyeni wakho evele efika nabantu besifazane alale nabo phambi kwakho ukhona?” kubuza uNkk Mzimela.

Usole uMzimela ngokumhlukumeza, wathi sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-13 emhlukumeza yena nezingane zabo ezine.

Uthe akazange ambophe ngoba ubebona ukuthi ngeke kumsize ngalutho ngoba ubenencwadi evimbela umyeni wakhe ukuthi angamhlukumezi.

Uthe usafisa ukulungisa isimo phakathi kwakhe nomyeni wakhe futhi ufuna babuyelane. UMzimela ukuphikile ukuthi wazama ukulala nomkakhe ngenkani.

“Hhayi, ayikho le nto ayishoyo. Kuyacaca ukuthi akafuni ukulungisa izinto kusho ukuthi usafuna ukuqhubeka namanga akhe. Angizange ngifike ekhaya nomuntu wesifazane, futhi angizange nje ngizame ukulala naye ngenkani.

“Ngangilele mina ngaphaphama ngoba sengincinzwa esithweni sangasese kanti uyena. Ngingamletha kanjani nje umuntu wesifazane? Ngisho amagenge ami angangifakazela ukuthi ngafika ekhaya ngihamba ngedwa,” kusho uMzimela.

Uthe usefisa amaphoyisa akhiphe isithombe somkakhe ukuze aboshwe ngoba kusukela kwenzeke lesi sehlakalo akatholakali kanti lokhu kumenza angakhululeki. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds