‘Siyayinqoba iSwaziland’ — Deco

17 Mar, 2016 - 00:03 0 Views
‘Siyayinqoba  iSwaziland’ — Deco uDanny Phiri

uMthunywa

Nkosilathi Sibanda
UMDLALI odlala ibhola likanobhutshuzwayo okungathandabuzwayo uDanny ‘‘Deco’’ Phiri uthe iSwaziland kayisoze yalibona mhla idibana lamaWarriors kumdlalo wokungena kuAfcon yomnyaka ozayo.

IZimbabwe leSwaziland zidlala umdlalo wakuqala ngekhefu lePhasika.

UPhiri utsho kanje ngesikhathi abalandeli benguqu yesizwe bethithibele ngodaba lokuthi umdlalo weAfcon lo ubuthengisiwe ngoba kulabantu okubikwa bephezulu kokubheja ngeqembu lamaWarriors ukuze linganqobi.

“Angiboni ukuthi singehlulwa yini ukuthi siqedelane leSwaziland kuyo yonke imidlalo yeAfcon. Isizwe sithembele kithi ngakho ngeke sidanise, lathi sizasebenza nzima.”

UPhiri ukhulume lokhu ngesikhathi esuka koBulawayo elubhekise esigodlweni lapho amaWarriors azalolonga ngaphansi komqeqetshi uCallisto Pasuwa.

Umdlali lo ubike ngokukhethwa kwakhe ukuthi amele isizwe ngentokozo enkulu.

“Sengikhulile kulumdlalo. Ukukhethwa ukuthi ngidlalele isizwe kuyisibusiso kimi. Banengi abakade bekhala ngokuthi kungani kuthethe isikhathi eside, kodwa mina ngithi lesi yiso isikhathi esifaneleyo,” kutsho uPhiri.

Kusenjalo imbiko ephuma ebulenjini ithi iSwaziland izimisele.

Kuthiwa isizwe lesi silolonga eSouth Africa kuliviki, anduba sindize siye eHarare ngeviki ezayo.

Nampa abadlali ababizwe nguPasuwa:

Onozinti: Washington Arubi (Pretoria University, SA), Tatenda Mukuruva (Dynamos), Donovan Bernard (How Mine).

Imvimbi: Partson Jaure (Pretoria University, SA), Eric Chipeta (Chippa United, SA), Costa Nhamoinesu (Sparta Praha, Czech Republic), Lawrence Mhlanga (Chicken Inn), Hardlife Zvirekwi (Caps United), Bruce Kangwa (Highlanders), Onismor Bhasera (Bidvest Wits, SA), Tendai Darikwa (Burnley, England), Brendan Galloway (Everton, England), Elisha Muroiwa (Dynamos).

Abadlali abaphakathi: Willard Katsande (Kaizer Chiefs, SA), Marvelous Nakamba (Vitesse, Netherlands), Ronald Chitiyo (Harare City), Kudakwashe Mahachi (Golden Arrows, SA), Marshal Mudehwe (FC Platinum), Macauley Bonne (Colchester United, England), Tafadzwa Kutinyu (Chicken Inn).

Abagadli: Knowledge Musona (KV Oostende, Belgium), Nyasha Mushekwi (Dalian Yifang, China), Cuthbert Malajila (Mamelodi Sundowns, SA), Khama Billiat (Mamelodi Sundowns, SA), Evans Rusike (Maritzburg, SA), Matthew Rusike (Helsingborg IF, Sweden).

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds