Uncategorized

Owetekisi ubulale iphoyisa ebelimmisa

18 Feb, 2016 - 00:02 0 Views

uMthunywa

LIHLANGANE nezimbila zithutha iphoyisa lomgwaqo lakwaRTI, uMnuz Andile Shangase (36) ngesikhathi lizama ukumisa itekisi ebihamba ngesivinini esiphezulu emgwaqweni onguthelawayeka u-N2, ngaseMgababa, ngoLwesithathu ntambama.

Kuthiwa uShangase nozakwabo bebeqhuba umkhankaso wokuphepha ku-N2 ngesikhathi engena emgwaqweni ethi uzama ukumisa itekisi ebigijima kodwa umshayeli wetekisi uhlulekile wukuma wakhwela phezu kwakhe.

UShangase ushone esendaweni yesigameko kulandela ukulimala kanzima.

Umfowabo kaShangase, uMnu Thalente Mkhize (32) uthe bathukile ngesikhathi bezwa emsakazweni ukuthi kushayiseke iphoyisa lashona eMgababa.

“Simshayele ucingo ngemuva kokuzwa umbiko ngoba sazi ukuthi usebenzela kuleya ndawo. Besinethemba lokuthi akuyena kodwa lashabalala ngesikhathi singamtholi ocingweni. Ungumuntu obehlezi elubamba ucingo noma yingasiphi isikhathi, ubengalenzi iphutha. Ngokuhamba kwesikhathi kufike abasemsebenzini wakhe sebezobikela umndeni ngokushona kwakhe. Sibuhlungu kakhulu ngoba ubelusizo emndenini,” kusho uMkhize.

Uthe bazwile ukuthi umshayeli wetekisi akakaboshwa kodwa akuyona into abayinakile ngoba basabhekane nobuhlungu bokulahlekelwa othandiweyo wabo.

“Bese kuphele iminyaka elinganiselwa kweyisikhombisa enikele impilo yakhe emsebenzini wobuphoyisa.

Ubengumuntu obewuthanda kakhulu umndeni wakhe, ikakhulu izingane zakhe. Sigqemeke ingozi ngokushona kwakhe,” kuqhuba uMkhize.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe amaphoyisa aseManzimtoti aphenya icala lokubulala ngokungenhloso ngemuva kokuthi iphoyisa lomgwaqo lishayiswe yitekisi lashona lisemsebenzini.

“Leli phoyisa ebelilimele kakhulu lishonele endaweni yesigameko. Amaphoyisa asaphenya ngokwenzekile,” kusho uZwane.

Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lithe umshayeli akaboshiwe ngoba ukwazile ukuma endaweni yesigameko.

“Umshayeli umile wachaza ukuthi indlela iphoyisa eliqhamuke ngayo ibingekho indlela yokulivika. Udaba lusazodluliselwa kuMshushisi oMkhulu ozocubungula ukuthi ngabe ibingekho ngempela yini indlela yokuyigwema le ngozi. Uma ethola ukuthi ibikhona uzobe esebekwa icala umshayeli,” kusho leli phoyisa.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha, uMnuz Kwanele Ncalane uthe uNgqongqoshe uMnu Willies Mchunu ubuhlungu kakhulu ngesehlo sokushona kwephoyisa.

“Okubuhlungu kakhulu wukuthi lishone lisemsebenzini. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakozakwabo.

Kumanje sekujutshwe uphenyo oluphezulu ukwengamela lolu daba,” kusho uNcalane. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds