Uncategorized

Ole-70 ubusiswe ngengane okokuqala ngqa

12 May, 2016 - 00:05 0 Views

uMthunywa

New Delhi – Owesifazane waseNdiya ubusiswe ngosana lomfana okokuqala ngqa empilweni yakhe eseneminyaka engu-70 ubudala, kanti uthi lokhu sekuwuphelelisile umndeni wakhe.

UDaljinder Kaur wabeletha ngenyanga eyedlule kulandela ukungena ngaphansi kohlelo i-IVF iminyaka emibili.

UKaur nomyeni wakhe oneminyaka engu-79 ubudala, uMohinder Singh Gilland, bese belahle ithemba ekubeni nomntwana othi bona, kanti bese bebizwa ngamagama aziswana kuthiwa baqalekiswe nguNkulunkulu.

Lezi zithandani zineminyaka engu-46 zishadile.

“Ngiyamethemba kakhulu uNkulunkulu ukuthi uzongihlelela konke. Uyizwile imithandazo yethu. Umndeni wami uphelele manje.

“Ngizozikhulisela le ngane nomyeni wami. Ingisize kakhulu i-IVF ekutheni ngithole umntwana.”— AFP

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds