Uncategorized

Kuvalwe isikolo kusethuselwa uMphathi

16 Feb, 2023 - 00:02 0 Views
Kuvalwe isikolo kusethuselwa uMphathi Gabigabi High eMophela, ngaseHammarsdale

uMthunywa

BABUYISELWE emakhaya abafundi lababalisi besikolo okukhonjwe uthitshanhloko waso ngesibhamu kuthiwa kasafunakali esikolo.
Abafundi baseGabigabi High eMophela, ngaseHammarsdale, bafike izolo amasango evaliwe, onogada babatshela ukuthi ukufunda kumisiwe okwesikhashana. Othisha bashayelwe ucingo kwathiwa abangezi esikoleni.

Ngokuthola kwaleli phephandaba ngoMsombuluko uthishanhloko uvinjwe ngamadoda angaziwa esemgwaqweni oya esikoleni wakhonjwa ngesibhamu kwathiwa akasadingeki esikoleni, wabuyela ekhaya.

Kuthiwa uthishanhloko walesi sikole akezwani nosihlalo wesigungu esilawula isikole ngoba usihlalo ufuna ukulawula uthishomkhulu.
Usihlalo kuthiwa usesiphathe amahlandla amabili lesi sikhundla, nyakenye bekumele ngabe uphumile ngoba ubengasenayo ingane esikoleni.

Uqhubekile ngoba uthathe omunye umfundi obefunda uGrade 12 kuso lesi sikole. Nonyaka kuthiwa unenye futhi ingane athi ingaphansi kwesandla sakhe. Kuthiwa ufuna ukuphinde akhethelwe kulesi sikhundla ngoMashi njengoba kuzoba nokhetho.

Ethintwa ngalolu daba uthishanhloko unqabile ukuphawula wathi akuthintwe umnyango kodwa wavuma ukuthi kunesigameko esenzekile ngoMsombuluko wenqaba kodwa ukuchaza ngaso nokuthi ngabe yisona yini esiholele ekutheni kuvalwe isikole.

UNksz Zandile Mkhize onengane ayigadile efunda uGrade 12 kulesi sikole, uthe kuyaphoxa ukuthi abafunda u-matric kulesi sikole balahlekelwa yisikhathi njengoba kungafundwa ekubeni isikole siphase ngo-35% nyakenye.

“Lesi sikole yisona kuphela isikole samabanga aphezulu endaweni kuke kwaba namahlebezi okuthi sizovalwa ngoba u-matric uphase kabi. Besinethemba lokuthi kulo nyaka othisha nabafundi bazobhukula kodwa nakhu kungasafundwa, asazi nokuthi kuzofundwa nini,” kusho uNksz Mkhize.

UMnuz Mthokozisi Mweli naye ongumzali womfundi okulesi sikole, uthe kuyamkhathaza ukuthi kuvinjwe uthishanhloko eya esikoleni, kusho ukuthi kungenzeka kugcine sekuvinjwa nothisha.

Imizamo yeSolezwe yokuthola ilungu lesigunfu esilawula isikole ayiphumelelanga.

UMnu Muzi Mahlambi okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe bebengakabikelwa ngalolu daba kodwa uma kungenzeka ukuthi izinsolo zokungasebenzisani kukathishanhloko nosihlalo wesigungu sesikole ziyiqiniso, umnyango awukwazi ukusebenzisana naye ngoba umsebenzi wakhe ukuvikela isikole nabazali esikoleni hhayi ukudala izinxushunxushu kugcine kungasafundwa esikoleni njengoba kubikwa.-Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds