Uncategorized

Kuphume izidumbu ngenxa yedivosi

18 Feb, 2016 - 00:02 0 Views
Kuphume izidumbu ngenxa yedivosi

uMthunywa

OMAKHELWANE bakhihle isililo bebona izidumbu zabantu abathathu zidindilizile efulethini labashadile kulandela ukuthi indoda eneminyaka engu 67 ebisixoshwa emzini wayo oseSunsands, eDoonside ngaseManzimtoti iqotha kwasani obekusondela eduze kwayo.

Indoda, ebesekuzophothulwa ukuhlukaniswa komshado nonkosikazi wayo ona-62, ivulele ngenhlamvu yabulala umasitende (62), umkayo maqede nayo yazingqokloza.

Le ndoda kuthiwa idubule nommeli (31) obelethe incwadi ebiyixosha efulethini nomlamu wayo.

Kuthiwa indoda, igama layo eligodliwe kuze kwaziswe wonke amalungu omndeni, ivuke umbhejazane emuva kokuba ummeli kankosikazi efike ezoyitshela ukuthi kumele iphume endlini abebehlala kuyo nonkosikazi njengoba ibisanda kunikwa yinkantolo incwadi yokuyixosha.

Kuthiwa iqale ngokudubula umlamu wayo ehlombe kwaqhamuka umasitende ethi uzolamula yamdubula ekhanda.

Emva kwalokho iye endlini kamlamu wayo (kulo leli fulethi), lapho unkosikazi wayo ebehlezi khona nommeli.

Kuthiwa ifike yadubula ummeli entanyeni, yadubula unkosikazi ekhanda maqede yaphendula isibhamu yazingqokloza ekhanda.

Abathathu bashonele khona lapho endaweni yesigameko kwathi ababili baphuthunyiswa esibhedlela.

Ummeli kuthiwa usesimeni esibucayi, umlamu yena usheshe wadedelwa ngoba akalimalanga kakhulu.

Unkosikazi kuthiwa ubehlukanisa umshado nendoda ngenxa yokuthi ibimshaya yabe isiyohlala nomfowabo efulethini elisesitezi sesishiyagalombili.

Ithimba leSolezwe lifike endaweni yesigameko amaphoyisa esaphithizela kwazise bekusanda kwenzeka udaba.

Kuleli fulethi kuhlala abaningi asebekhulile.

Bekuvalwe thaqa lapho kungenwa ngakhona kwazise esinye isidumbu besidindilize khona, esendoda nonkosikazi sisesitezi sesishiyagalombili.

Omakhelwane bebebonakala ukuthi kade bekhihla isililo.

Omunye umakhelwane okhulume nethimba leSolezwe oneminyaka engu-92 uthe: “Sengineminyaka engu-14 ngihlala lapha angikaze ngiyibone into efana nalena. Kumanje ngisaqhaqhazela. Ngizwe isibhamu siqhuma, mhlawumbe kahlanu. Ngibe sengiphuma ngibheka ukuthi kwenzekeni. Sigcine sibone ukuthi indoda ebihlala esitezi sesibili isidubule unkosikazi nabanye abane. Sivele sakhala nomakhelwane. Ubungenze njani wena ubona izidumbu? Ngiyabathandazela, kunzima. Ngiyacabanga ukuthi le ndoda ibinengcindezi, ubani ongenza into enjena?” kusho umakhelwane ongafunanga ukuzidalula.

Abanye bebelunguza ngamawindi kucaca ukuthi kwehle lukhulu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe kuzophenywa ngesigameko.

“Ekuseni ngo-7 umsolwa udubule unkosikazi nabantu abathathu. Ababili bashonile, abanye ababili bayiswa esibhedlela.

“Umsolwa naye uzidubule washona. Kuvulwe amacala amabili okubulala, amabili okuzama ukubulala nedokodo elilodwa. Amaphoyisa aseManzimtoti ayaphenya,”

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds