Uncategorized

Kuphazamiseke ukufunda kugecana abafundi

14 Oct, 2021 - 00:10 0 Views
Kuphazamiseke ukufunda kugecana abafundi

uMthunywa

OMUNYE umfundi usinde ngokulambisa abafundi begecana ngebhemba esikolo seGobume High, eMzinto
Kushube isimo esikolo seMzinto, iGobume High, ngenxa yempi eqhubekayo phakathi kwabafundi. Ngokutsho komthombo, mancane amathuba okuba kubhalwe izivivinyo ngenxa yokuthi abafundi baklabhana ngamabhemba futhi bahubhana langezibhamu.

Isolezwe NgoMgqibelo lizibonele enye yama-video lapho abafundi betshayana emagcekeni esikolo. Okhulumela amapholisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile isehlakalo sokuklajwa ngobhushu komfundi oleminyaka engu-16, esigamekweni esenzakale mhlaka 27 Mpandula.

“Uphuthunyiswe esibhedlela ukuba ayoxilongwa. Izolo (etsho ngoLwesine) uMnyango wezeMfundo lamapholisa babe lomhlangano ngenhloso yokuthola isixazululo sale ngxabano. Ngemininingwane egcwele kungathintwa uMnyango wezeMfundo. Kuvulwe icala lokulimaza kabi esiteshini samapholisa seSawoti,” kuphetha uColonel Mbele.

Imizamo yokuthola abomnyango wezemfundo ukuba baphawule ayiphumelelanga kwaze kwatshaya isikhathi sokushicilela. Ngokutsho komunye umthombo, le ngxabano isuswa umdlalo wamaphepha.

“Abafana babedlala amaphepha ngemva kwamakilasi. Umfana waseMbabaleni, wayesedliwe engaselayo imali, wabe esecela umfana waseStendini KwaJeza, ukuba amboleke uR50 bese ebamba isicathulo sakhe ukuze aqhubeke adlale amaphepha. Ngebhadi wadliwa lo R50.

Uthe lo mfana waseMbabaleni eseyofuna isicathulo sakhe, lo waseStendeni kaJeza wathi ‘ngeke ngikwazi ukukunikeza isicathulo sami ungawuphethe uR50 wami. Letha uR50 wami ngikunikeze isicathulo sakho.” – Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds