Uncategorized

Kufunwa isidumbu sofe nesoka begaywa yimoto

03 Mar, 2016 - 00:03 0 Views
Kufunwa isidumbu sofe nesoka begaywa yimoto UNkszn Sithabile Mkhasibe

uMthunywa

UKHUNGATHEKILE umndeni wowesifazane obengunjiniyela waseMooi River isidumbu sakhe esingatholakali ezimobeni zaseDalton eWartburg lapho kuthiwa silahlwe khona ngemuva kokuthi yena nesoka lakhe beshayiswe yimoto bashona ngesikhathi bezivocavoca begijima emgwaqeni ngoLwesihlanu.

Lesi sigameko senzeke emgwaqweni omkhulu eDalton ngoMgqibelo ntambama.

UNkszn Sithabile Mkhasibe (27) kuthiwa ubezigijimela emgwaqweni nesoka lakhe uMnu Xolani Nxele (32) ngesikhathi umshayeli weHonda Ballade okuvela ukuthi ubedakiwe ebashayisa wangama kodwa wabahudula.

UNxele yena kuthiwa imoto imshayise yamphosa kwi-bonnet kwathi uNkszn Mkhasibe wawela kwi-windscreen.

Kuthiwa uNkszn Mkhasibe obengunjiniyela ubevakashele isoka lakhe eWartburg lapho lisebenzela khona, bazigijimela emgwaqweni kanti bazokwehlelwa yilo mshophi.

Ethintwa izolo ntambama, uMnu Andile Mlotshwa ongumfowabo kaNkszn Mkhasibe uthe basezimobeni eDalton bathungatha isidumbu sikadadewabo.

“Sifike lapha ezimobeni zaseDalton ngabo-12, emini sizothungatha udadewethu kodwa asikamtholi,” usho kanje.

Uthe umsolwa utshele amaphoyisa ukuthi isidumbu sikadadewabo usilahle ezimobeni ngemuva kokubona ukuthi ubengasaphefumuli.

“Izimoba zalapha zinkulu, siyathungatha yonke indawo ngokubambisana namaphoyisa,” usho kanje.

UMlotshwa uthe udadewabo ubethanda ukuhlala ezivocavoca emgwaqeni ukuze ahlale engumqemane.

Uthe udadewabo usuke emsebenzini lapho kade esebenza khona engunjiniyela e-Eastern Cape ngoba kade efuna ukusondelana nomndeni.

UMlotshwa uthe umsolwa uboshwe ngemuva kokuthi ebuyele endaweni yesehlakalo kanti sekukhona amaphoyisa nalona wesithathu obegijimisana nodadewabo nesoka lakhe, wakwazi ukumbona watshela amaphoyisa wabe esevalelwa. Umsolwa (37) uvelile eNkantolo yeMantshi yaseMshwathi izolo mayelana namacala okubulala ngokungenhloso nokushayela edakiwe.

Icala lakhe lihlehliselwe uMashi 7, ukuze afake isicelo sebheyili. Ugcinwe ezitokisini. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, uthe umsolwa oneminyaka engu-37, uboshiwe mayelana namacala okubulala ngokungenhloso nokushayela edakiwe.

Ethintwa izolo emini, uZwane uthe isidumbu sikaNkszn Mkhasibe besingakatholakali. Unqabile ukwenaba kakhulu ngaloludaba wathi lubucayi. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds