Uncategorized

Kuboshwe 10 ngokubulawa kwabasolwa ngokuthakatha

04 Feb, 2016 - 00:02 0 Views

uMthunywa

Lilongwe — Amaphoyisa aseMalawi asebophe abantu abayishumi ababandakanyeka ecaleni lokubulawa kwabantu abane okukholakala ukuthi bebengabathakathi.

INyasa Times ibike ukuthi abasolwa baboshwe ngemuva kokuba bekhonjwe ngebasinde behlaselwa yiqula labantu kwisifunda sasenyakatho neNeno.

“Uphenyo alukakaphothulwa. Labo ababoshiwe bebephambili. Bakhona nabanye ababeyingxenye emacaleni okubulala kanti nabo bazoboshwa,” kuzwakale kusho okhulumela amaphoyisa.

Ababoshiwe babalelwa emnyakeni ephakathi kwengu-13 nengu-30 ubudala.

Ababulewe babalelwa phakathi kweminyaka engu-69 nengu-86 ubudala, bebulawela izinsolo zokuthakatha endaweni.

UMmengameli wezwe uPeter Mutharika uzwakalise ukushaqeka wanxusa umphakathi ukuba uyeke ukusola ogogo nomkhulu ngokuthakatha njalo uma kushona umuntu.

Amaphoyisa asasendaweni yaseNeno.— Ubulembu.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds