Uncategorized

Isixwayiso ngezilwane ezeqe ePaka

15 Sep, 2022 - 00:09 0 Views
Isixwayiso ngezilwane ezeqe ePaka Izilwane

uMthunywa

KWEQE izilwane epaka okwenze abezemvelo bakhipha isixwayiso ebantwini ukuba balimuke bangahlangani lazo.

Izilwane lezi kubikwa zeqe eTembe Elephant Park, koMhlabuyalingana, eKwaZulu-Natal eSouth Africa.

Okwamanje akwaziwa ukuthi mangaki amabhubesi eqile kodwa abezeMvelo KZN Wildlife, sebekhiphe ithimba eliwathungathayo.

UMnumzana Musa Mntambo, obhekelele ezokuxhumana kwezeMvelo KZN Wildlife, ukuqinisekisile ukuthi akhona amabhubesi aphumile esiqiwini.

“Siyitholile imibiko yokuphuma kwamabhubesi esiqiwini, iTembe Elephant Park. Amanye asebuyelile ngaphakathi kodwa amanye sisawafuna.

Izilwane

Ucingo lwaseTembe, luqine ngokwanele ngakho amabhubesi awaputshanga ocingweni kodwa-ke isihlabathi sakhona sithambile. Amabhubesi aphumile ambe ngaphansi kocingo abe eseyeqa,” kuchaza uMntambo.

Uthe amaphoyisa ezeMvelo KZN Wildlife, asebenzisana nethimba elihamba nezinja ezihogela umkhondo wezilwane zasendle eziphuma eMpumalanga, ukuze zisize ekuwakhipheni ehlathini asecashe kulo.

Udonse ngendlebe abantu ukuthi uma bewabona amabhubesi, bathinte abezeMvelo KZN Wildlife. – Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds