Uncategorized

Isililo umduli ubulala izingane

24 May, 2018 - 00:05 0 Views
Isililo umduli ubulala izingane Umduli odilike wabulala abantwana

uMthunywa

BAKHUNGATHEKILE abazali bamantombazanyana amathathu okuthe esadlala ngesango kuKennedy Road eThekwini awelwa ngumduli kwatshona amabili eyodwa yaphuthunyiswa esibhedlela.

Isolezwe lithole ukuthi uSisanda Ndlala oleminyaka emihlanu ubevakatshele abangani bakhe abaqatshe emzini owakhelene lowakubo abejwayele ukudlala labo ngokujikela esangweni.

USisanda lomngani wakhe uSiziphiwe Libazi (7) bafe ujuqu ngesikhathi bewelwa ngumduli kwathi omunye, elingatholakalanga igama lakhe, waphuthunyiswa esibhedlela. Oyedwa wabo uphuthumile wayocela usizo.

Abazali bamantombazane, abebesemsebenzini ngesikhathi kwenzeka isiga, bebekhala bengakwazi lokukhuluma.

UNkosikazi Nolwandle Ndlala uthe uSisanda yingane yendodakazi yakhe, uNkosazana Ongeziwe Ndlala.

Ubizwe esekhaya sekuthiwa akazobona udonga seluwele izingane.

“Ngisadidekile lamanje ukuthi yini ewise udonga ngoba izingane bezijwayele ukuvakatshelana zize ngala siqatshe khona noma kulo muzi okuqatshe kuwo abangani bazo. Sisadidekile asazi lokuthi sithini,” kutsho uNkkz Ndlala.

UNkszn Ongeziwe Ndlala uthe utshayelwe ucingo ngunina esemsebenzini ngabo-4 emtshela ukuthi sekuvele ingozi akaphuthume ekhaya.

“Siqatshe emzini ongaphezu kwalona, angazi ngithini okwamanje sikhathazekile,” kutsho uNkszn Ndlala.

Ugogo kaSiziphiwe, uNkosikazi Lungelwa Libazi, uthe basadidekile ukuthi udonga luwiswe yini ngoba abakaze balubone luxega selokhu bahlela kulo muzi eminyakeni emithathu eyedlule.

Uthe umzukulu wakhe ubeyingane elomusa, ethanda isikolo lokuhleka.

UNkosikazi Hajra Naseem, umnikazi womuzi okuqatshe kuwo oNkkz Ndlala, uthe ngolwazi lwabo udonga belusesimeni esikahle futhi izingane zivamise ukudlala kungabibikho ngozi.

“Sizokwenza konke okusemandleni ukusiza imindeni ehlelwe yibhadi ngoba siyasizana kulo mphakathi. Kusiphethe kabi okwenzekile. Asikaze siyibone into enjena, asazi kwenzekeni,” kutsho uNkkz Naseem.

UColonel Thembeka Mbele, wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kuvulwe idokodo emuva kokuthi amantombazane amathathu ewelwe wudonga kwatshona amabili kwathi eyodwa yaphuthunyiswa esibhedlela isesimeni esibucayi.

Uthe okwamanje ayaziwa imbangela yokuwa kodonga, amapholisa azophenya. — Ubulembu.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds