Iqembu iChiskop ngeke lisale kwekaMandoza

31 Aug, 2023 - 00:08 0 Views
Iqembu iChiskop ngeke lisale kwekaMandoza Mandoza

uMthunywa

UMCULI wekwaito uMzambiya ungomunye wabazogqama uma sekuqala iqophamlando ngempilo kaMandoza.

Uhlelo iNkalakatha: The Life of Mandoza, iqale ukubonakala ngo-Ncwabakazi 16 kuBET Africa (DStv 129), njalo ngoMgqibelo ngo-9, ebusuku.

Uhlelo lukhuluma ngempilo kaMandoza ogama lakhe langempela uMduduzi Tshabalala, owadlula emhlabeni ngo-2016.

Isolezwe bese like labika ngokuthi abalingisi okukhona kubo uWiseman Mncube, Lorraine Moropa, Lillian Dube noThandeka Dawn King, bangabanye babalingisi abazobonakala kuleli qophamlando.

Wiseman Mncube

Isiteshi iBET simemezele abanye abalingisi abazobonakala.

Kubona kubalwa uMzambiya ozolingisa indawo kaLollipop, Lindo Sothole (General) noFanele Zulu (Nhlanhla) abazobonakala beyiqembu iChiskop.

Unkosikazi kaMandoza, uMpho Tshabalala, uveze ukuthi okwenzekile bekusenhliziyweni yakhe futhi ujabule ukuthi kukhona konke, bengumndeni babe nesandla kukhona konke okade kwenzeka ngesikhathi kuqoshwa.

“Ithalente esilibonile lisishiye sibambe ongenzansi. Ngiyaziqhenya kakhulu ukuthi ekugcineni sikwazile ukuthi senze leli phupho lami lokuthi kube nohlelo ngomyeni wami ongasekho, ngoba bese siside isikhathi ngifisa kwenzeke lokhu okufezekile namhlanje,“ kusho uMpho.

Uthe ubonga bonke abalingisi abasebenze nabo nophrojusa okukhona kubo uZuko Nodada, Vaughn Eaton, Ipuseng Kotsokoane noMcMillan Masoka.

Leli qophamlando liqondiswe uLuthando Lungelo Ngcobo noLuthando Mngomezulu lase libhalwa u-Ayanda Halimana. —Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds