Uncategorized

Inyanga elenga imali ivule ibandla

14 Apr, 2016 - 00:04 0 Views
Inyanga elenga imali ivule ibandla Andile “Mzimbokhalimali” Dlamini

uMthunywa

BAZWAKALISE ukungenami abefundisi bamabandla asindisiwe ngenyanga edumile eThekwini izolo evule ngokusemthethweni ibandla layo elisha.

Uzithintele kubefundisi u-Andile “Mzimbokhalimali” Dlamini (32) ovule ibandla i-Amazing Power of God, eMayville athi lihlanganisa “abasindisiwe” namaZayoni.

Kuleli bandla kuyaswenkwa, kushaywa izinsimbi, ngisho imdanso yakhona nenqubo- mgomo yakhona ibukeka kungeyebandla labasindisiwe. Umehluko wukuthi umfundisi walo uyinyanga.

Umfundisi osindisiwe othole isimemo sokuya enkonzweni yokuvula leli bandla ongathandanga ukudalulwa, uthe lokhu naye kuyamdida futhi kusazodida abantu abaningi ngoba indlela okwenziwa ngayo kuleli bandla kufana ncamashi nokwamabandla asindisiwe.

Uthe ubengazi ukuthi kuzovulwa ibandla eliholwa yinyanga njengoba bekungacaciswanga kwisimemo .

UMbhishobhi Vusi Dube weThekwini Community Church uxwayise abantu ukuba baqaphele sekuyiso isikhathi sokugcina lesi.

”Le mfishimfishi eyenziwa yile nyanga izobadida abangaqondi ukuthi yisikhathi sokugcina lesi. Le nyanga ihlulwe yimpilo, isizama yonke into ezoyingenisela imali, manje izama noma ngabe yini ezoyinika udumo,” kusho uDube.

Uqhube wathi akalwi nobunyanga bayo kodwa into emcasulayo wukudida abantu abalambile ngegama likaNkulunkulu.

“Angilwisani nhlobo nobunyanga bayo, ingaqhubeka ikwenze idayise lonke uhlobo lwemithi yayo kodwa manje abantu abahlwempu bazobona imali lena eyilengisayo bese beyayilandela noma isibafaka eweni ngegama lokukholwa.Buka nje isithembu sayo sihlanganaphi nensindiso? Ayiqhubeke nokulapha ihlukane nokudida abantu ngensindiso,” kuphetha uDube.

Ethintwa uDlamini ngendida yebandla lakhe uveze ukuthi akumkhathazi nakancane ngokugxekwa abefundisi abanomona.

“Lapha enkonzweni nginabazalwane abaqembuka emabandleni amakhulu asindisiwe beza kwelami, into ebasusayo ukucwaswa nokuhletshwa ngoba behlupheka kodwa bafika kwelami ibandla bathola ikhaya lokukhonza uNkulunkulu. Ngikhuluma nje kunabantu abanye abasindiswe yimithi yami kade odokotela sebehlulekile. Uma ngabe uNkulunkulu akekho kulokhu kulapha kwami ngibuye ngibe umfundisi, ngabe laba bantu abasindi,” kubeka uDlamini.

UMnuz Sazi Mhlongo wenhlangano yabelaphi bendabuko ukushayele ihlombe elikhulu okwenziwe yile nyanga ngoba iningi labantu belicabanga ukuthi ukuba ngumelaphi wendabuko kusho ukungakholwa.

Uthe ungaba ngudokotela noma unesi ebese usonta nabasindisiwe kanjalo noDlamini ungumelaphi osindisiwe, akukho okuyihlazo.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds