uMthunywa
Johannebsurg — UMandla wathembisa ukuthi uzonakekela indodana yakhe nokuthi izohlala naye ize ithole umsebenzi.
Kodwa umusa kaMandla umenze wabongwa ngepuleti lamasimb*.
UMandla Buthelezi (46) ufike emzini wakhe oseMpilisweni, eThokoza, eKurhuleni wathola intombi yakhe, uSophie Moremoholo (37) ilele nendodana yakhe uSipho Khanye (23).
“Babengasivalile isicabha, ngangena ngaphakathi. Angikholwanga ngesikhathi ngibathola bendawonye,” kusho uMandla.
Uthi wazibamba sekuthi akamshaye ngesagila uSipho.
UMandla uthi intombi yakhe yeminyaka eyishumi imtshele ukuthi yaqala ukulala noSipho ngenxa yokuthi yena wayengalwenzi kahle ucansi.
Uthi uyakuqonda ukuthi intombi yakhe ibingagculisekile kodwa bekumele okungcono iyofuna enye indoda ngaphandle.
UMandla noSophie batshele iDaily Sun ukuthi sebehlala ndawonye.