IBlaq Diamond iqumbe phansi i-Ambitiouz enkantolo

15 Jun, 2023 - 00:06 0 Views
IBlaq Diamond iqumbe phansi i-Ambitiouz enkantolo I-Blaq Diamond

uMthunywa

ABACULI beMnambithi, iBlaq Diamond, bahambela phezulu emva kokuqumba phansi isikhondlakhondla senkampani yomculo, i-Ambitiouz Records, enkantolo, eGoli.

USiphelele “Danya SA” Dunywa weBlaq Diamond ukuqinisekisile ukuthi baphoqelekile ukuba babambe inkunzi eyi-Ambitiouz Records ngezimpondo maqede bayifumba phansi ngoba belwela ubulungiswa.

Uthe bese bekhathele ukubona umculo wabo uvinjwa ezinkundleni zokuxhumana yile nkampani obekuqopha ngaphansi kwayo oSjava, eMtee, Intaba YaseDubai, Fifi Cooper labanye.

“Sibuye enkantolo ngoLwesibili. Silinqobile icala emva kokufaka i-Ambitiouz Records enkantolo,” kutsho uDanya eveza lamaphepha aseNkantolo abeqinisekisa ukuthi i-Ambitiouz Records ikhale ngaphansi futhi ibuye yayalelwa yinkantolo ukuba ikhokhele zonke izindleko ezidalekile.

“Sibonile ukuthi ukukhuluma kakhulu ezinkundleni zokuxhumana akusizi. Kufanele uhlakaniphe ngokuthi wenze okufanele, okungukuthatha amanyathelo zomthetho.”

Eqhuba uDanya ubonge kakhulu ithimba labameli ebebelibophele ebeliholwa ngu-Advocate Tembeka Ngcukaitobi, Jade Naidoo loMatlapeng.

Esephetha, uthe bafundisa wonke umuntu isifundo sokuthi uma uzama ukudla amandla abo, bazokumangalela enkantolo. UNdumiso “Ndu Browns” Mdletshe uthe sebekhululekile ukudedela umculo omutsha ngaphandle kwezihibe.

“Izingoma zethu ziyabuya,” kutsho uNdu Browns. UJade uhalalisele iBlaq Diamond wathi lesi sinqumo size lenguquko endimeni yezokungcebeleka.

“Lokhu (kunqoba) akwabobonke abaculi abaxhashazwa yizinkampani zomculo,” kuphetha uJade.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds