Uncategorized

Bathukuthele abalandeli bohlelo i-Our Perfect Wedding

03 Dec, 2015 - 00:12 0 Views
Bathukuthele abalandeli bohlelo i-Our Perfect Wedding UFannie Mkhwananzi lomkakhe

uMthunywa

BATHUKUTHELE abalandeli bohlelo lwemishado kuthelevishini i-Our Perfect Wedding (OPW) ngesiqephu sangeSonto esiveze umkhwenyana eqhosha ngokuthi wayelala nabesifazane abaningi okubalwa nezingane zesikole.

UMnuz Fanie Mkhwanazi ongusomatekisi obeshada noBavelile, ubezishaya isifuba ngokuthi wayeyisoka lamanyala.

Uthe umkakhe wamthola eneminyaka engu-14 yena uMkhwanazi enengu-28.

Ngesikhathi sokuloba izolo kuvele ukuthi iMzansi Magic isimangalelwe enhlanganweni ebhekele izikhalo kwezokusakaza iBroadcasting Complaints Commission of SA.

Kuthiwa uDkt Tlaleng Mofokeng obhalele lenhlangano ugxeke loluhlelo ngokukhuthaza ukudlwengulwa kwezingane nokuhlukunyezwa kwabesifazane.

UMkhwanazi othe usengumfundisi, ubebonakala ekhuluma ngokukhululekile ngempilo yakhe egxekwe ezinkundleni zokuxhumana.

Uthe wayelala nabesifazane abane ngosuku, abanye babo okuyizingane zesikole.

Ngokomthetho wokuvikelwa kwezingane kuleli kuyicala ukulala nengane eneminyaka engaphansi kwengu-18 noma ngabe niyathandana.

Ukuphumela obala kukaMkhwanazi ngokuthi uBavelile wayeneminyaka engu-14 bethandana, kwenze ababukeli bambiza ngesaphulamthetho okudingeka sibhekane nomthetho.

Abanye bebegxeka nosomabhizinisi uBasetsane Kumalo ongomunye wabadidiyeli abakhulu baloluhlelo, ngokuvumela ukuthi kusakazwe lesi siqephu.

UMkhwanazi uthe yize ayeyisoka kodwa wayazi ukuthi nguBavelile azomshada.

Kuvele ukuthi bebexabana njalo ngenxa yobusoka bukaMkhwanazi, ngisho nonina kaBavelile wayengeneme ngokuthandana kwabo.

UBavelile kuthiwa wakhulelwa esanda kubhalisela ukuqala enyuvesi okwenza isimo samuncu, unina wagqugquzela ukuthi bashade. Loludaba luthinte ngisho osaziwayo ababhoboke kuTwitter bekhombisa ukungahambisani nalo.

Umsakazi weGagasi uMzokoloko uthe ukusakazwa kwalesi siqephu kuyinhlamba njengoba kunomkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

UKuli Roberts uthe unesiqiniseko sokuthi uMkhwanazi waqala ukulala noBavelile esemncane ngakho amaphoyisa kumele amlandele.

Umsakazi weMetro FM uCriselda Dudumashe uthe: “Bengingakulungele ukubuka lesisiqephu. Kungani le ndoda iziqhenya ngokuba nje. Oh hhayi, yayineminyaka engu-28 intombazane inengu-14!”

“Lo akumele engabe uyashada, kumele abe sejele,” kusho umlingisi uRami Chuene.

Umculi uSimphiwe Dana uthe: “I-OPW yenza ukuhlukumeza kube sengathi yinto emnandi yothando. Angiyibuki ngoba angikwazi ukuhlekisa ngosizi lwabamnyama. Kodwa lokhu akwamukelekile.”

UNkszn Nondumiso Mbece oyiNhloko yezokuXhumana kuMzansi Magic uthe bayazi ngezikhalo zababukeli kodwa bafuna ukucacisa ukuthi basuke bekhombisa impilo yezithandani njengoba injalo.

“Uhlelo lwethu luveza ubunjalo bomphakathi esiphila kuwo. Kulesi siqephu imuva lezithandani alehlanga kahle kubabukeli kodwa abathintekayo kuloludaba bakwazi ukulungisa izinkinga ababenazo bengakashadi. SiwuMzansi Magic sizibophezele ekusakazeni izindaba ezithinta ababukeli bethu, senze umphakathi ukhulume kodwa asihambisani nokuziphatha okungalungile,” usho kanje.

Imizamo yokuthola uMkhwanazi ayiphumelelanga.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds