Uncategorized

Bahlalele evalweni ngenxa yezilwane

04 Oct, 2018 - 02:10 0 Views
Bahlalele evalweni ngenxa yezilwane Izilwane

uMthunywa

AMALUNGA omphakathi ase-Hennies, eVryheid, athuka izanya kulandela ukuvela kwezinsolo zokuthi kulezilwane ezibonakalayo kule ndawo.

Ngeledlule owesilisa owayehamba emgwaqweni u-R34 ufonele abezimo eziphuthumayo ebika ukuthi ubone izilwane ezimbili ziseqa umgwaqo.

Kusukela ngaleso sikhathi kuphunywe ijumo kudingwa lezo zilwane.

Lokhu kuthiwa kuwuthusile umphakathi njengoba bengakwazi ukuthi ngezangaphi lezo zilwane.

UMnumzana Musa Mtambo okhulumela eZemvelo KwaZulu-Natal utshele Isolezwe ukuthi batshale ithimba labo kule ndawo emva kwalezi insolo.

“Okwamanje sisakuthatha njengezinsolo ukuthi kulezilwane kule indawo ngoba thina asikaziboni. Okwenzakeleyo kumaviki amabili edluleyo sifoneliwe sibikelwa ukuthi kukhona ababona amabhubesi kule ndawo, siwabhekile sangawathola. NgoLwesine kwenzeke esifanayo kukhona othe ubone izilwane ku-R34. Siphinde sathumela ithimba lethu ukuba liyowabheka lawa mabhubesi. Okwamanje akukho esisakutholile ngawo, sisabheka,” kutsho uMtambo.

Uthe yize kukhona isiqiwi esiseduze sase-Hluhluwe Mfolozi Park kodwa akukho ababikelwe khona ngamabhubesi alahlekile kuso.

Umthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa osondelene nalolu daba uthe abantu balokhu befonela esiteshini samaphoyisa bethi basaba amabhubesi.

“Inkinga enkulu ukuthi abantu bayasaba nokuphuma ezindlini zabo ngoba bezwe kuthiwa kukhona amabhubesi acanasayo. Abanye izingane zabo bazinqabele nokuthi ziye esikoleni ngenxa yokusaba,” kutsho umthombo.

UMtambo uthe umphakathi awehlise umoya ngoba udaba lwezinsolo ngamabhubesi akule ndawo bayalusebenza. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds