Uncategorized

Ayikho into eyisifundo esihle kuBig Brother

18 Feb, 2016 - 00:02 0 Views

uMthunywa

NGESONTO eledlule Isolezwe like labika ngokuthi isiteshi esisakaza imidlalo yethelevishini kuleli, iM-net, ngeke simemezele izinhlelo ezithinta iBig Brother kulo nyaka ngenxa yokwentuleka kwabaxhasi.

Lo mncintiswano nyakenye unqotshwe nguNtombi no-Ace, abayizithandani ezidume ngetemu elithi Ntombace, noma elithi “Qabanation”.

Lezi zithandana kamuva nje zisanda kuboshelwa ukubanjwa nezidakamizwa kanti njengamanje zingaphandle ngebheyili.

Owine iBig Brother ngaphambi kwabo kube nguMandla, naye okubukeka sengathi ufuna ukwenza okuthile empilweni ngesakubona ohlelweni lwakhe nesithandwa sakhe asithola kulo mncintiswano uLexi.

Ngaphandle kokuthi lababantu babethandwa ngababukeli, angisazi esinye isizathu sokuthi banqobe iBig Brother.

Ukukhuluma iqiniso nje, nakuba kunabantu abalukhumbulayo loluhlelo, angikaze nakanye ngithole ukuthi yini ingqikithi yalo nokuthi lufundisani.

Ngisho ulubuka kuba lukhuni ukuthi uhlale imizuzu engaphezulu kuka-20 ulugqolozele ngoba isikhathi esiningi, basuke behlezi njengawe obuka ithelevishini, kuwukuthi nje bona kabanawo amaselula nethelevishini ezindlini zabo. Abantu abangena kowamanqamu kulo mncintiswano kumele bahlale endlini izinsuku ezingu 90.

Kulendlu badla ukudla kwamahhala, baphuze, babhiyoze, balale. Ngaphezu kwalokho iBig Brother idlisa kakhulu ngomjolo oqhuma endlini abantu abasuke behlezi kuyo, kanti abantu abaningi bayibukela ukubona okuzokwenzeka phakathi kwabantu abasuke sebethandana.

Yinto lena esiyibona nsuku zonke emphakathini kubantu esisondelene nabo, ngokunjalo esiyixoxelwa abantu.

Angisiboni isidingo salolu hlelo ezweni elinjengeNingizimu Afrika okusazanywa ukugqugquzelwa ukuhlunyeleliswa kwesimilo entsheni, futhi kushunyayelwa nomyalezo wokuzithiba nasophuzweni oludakayo.

Ngicabanga ukuthi kungaba unyaka omuhle kuthelevishini uma lungase lungabibikho loluhlelo ngoba nabathandi balo abawadedeli ama-remote ngisho ufuna ukubuka ezinye izinto ezibalulekile kuthelevishini, umuntu athi cha ufuna ukubona ukuthi uNtombi uzomxolela yini u-Ace.

Kunokuthi uqhubeke unxenxe abantu noma izinkampani ezingaxhasa loluhlelo. UM-net, kungangcono uma ungase uqhamuke nesu lolunye uhlelo olwakhayo olungaklomelisa abantu abenza ushintsho olubalulekile emphakathini ngalesi sigidi esitholwe abantu abanqoba iBig Brother.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds