Ama-2K abangena ngefeshini yama-1980

28 Jul, 2022 - 00:07 0 Views
Ama-2K abangena ngefeshini yama-1980

uMthunywa

IZINGA lengqephu libe phezulu kulimpelasonto esiphuma kuyo intsha yakweleSouth Africa ebizwa ngokuthi ama 2000 noma ama 2K ikhumbuza abazali ezamzukwane.

Imfashini ebonakale kuleli sonto ibageze igilo abanengi ngokwenziwa intsha yakuleli ukukhombisa abantu ukuthi kukhona okuhle engakwenza. Yize lezi zithombe ezilokhu zinamekwe njalo futhi lomdlalo wokuqhudelana ngengqephu uqhubeka kodwa sezikhona ezibukeka zidla ubhedu.

Okuhlaba abantu umxhwele ngale mfashini ukuthi abakwenzi nje sakugxeka noma ukuhlekisa ngemisiko yakudala kodwa zonke izitayela ama-2K azikhipha njengoba zinjalo. Abagcini nje ngokuziphihla ngemisiko kuphela kodwa bebegabe ngezikhwama, imigexo nezinto ezazisetshenziswa kudala ukwenza isithombe sihehe.

Indlela okwakuswenkwa ngayo kudala kwakuhambisana nesimo sempilo yangaleso sikhathi kwazise ubukhazikhazi bezinto esezikhona manje babungekho. Imisakazo, izihlahla, izikhwama, amabhodlela eziphuzo, izinkomishi zetiye ngezinye zezinto ezazihamba phambili nokuyinto ebonakalayo kulezi zithombe.

Ukwenza izithombe zomndeni nabangani ngenye yezinto ezazikhonzwe kakhulu phambilini nokuvela njengoba kunjalo kulezi zithombe zama 2k. Selokhu uqalile lo mdlalo abantu abaningi ezinkudleni zokuxhumana abawuvali umlomo ngekhono elikhonjiswa intsha ngalezi zithombe.

Lo mdlalo usalokhu uqhubeke njalo njengoba sekuqala nokubonakala abakhulile sebeziphihla ngezabo zamzukwane nezibakhumbuza izikhathi zobusha babo. -Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds