Abaqeqeshi bahleka uPitso ‘ngamabhasi’

25 Feb, 2016 - 00:02 0 Views
Abaqeqeshi bahleka uPitso ‘ngamabhasi’ UPitso Mosimane

uMthunywa

USEPHENDUKE inhlekisa kubaqeqeshi bamaqembu adlala ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL) umqeqetshi weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane okuqale isizini ezishaya isifuba ngeqembu lakhe abethi lingabhoboza ngitsho ukhonkolo kodwa osekhala ngokuthi uvinjwa ngamabhasi.

Ngesikhathi izinto zisahamba kahle uMosimane ubehlale njalo encokola ngokuthi ayikho indlela yokuvimba iqembu lakhe ngoba ubophele lonke ubisi lwabadlali abangabhoboza ngitsho kuvalwe ngesamende.

Muva nje njengoba izinto zithanda ukuma kancane kuSundowns, uMosimane usecula ingoma ehlukileyo lapho esegxeka khona amaqembu ngokuthi asuke engezele ukuzodlala uma ebhekene leSundowns ngaphandle kwe-Orlando Pirates.

“YiPirates kuphela iqembu engisuke ngazi kahle ukuthi ngizadlala uma ngibhekene lalo hayi wonke lawa amanye ngoba asuke evimbe ngebhasi,” utsho kanje uMosimane ngemuva kokushaya iPirates ngo 2-1 koweligi wakamuva.

Nokho uqhamuke neculo elihlukile ngesikhathi ebanjelwa ekhaya yiLamontville Golden Arrows ngempelasonto lapho ekhwele khona wadilika kuClinton Larsen emsola ngokuthi ubevele ezele ukuzothola iphuzu kwazise ubevale ngebhasi emuva.

Eziphendulela kulokhu uLarsen uvele wafa yinsini wathi uma uMosimane eyilolu hlobo lomqeqeshi ahlale ethi unguyena kumele abe nalo iqhinga lokudlula ebhasini okusuke kuvalwe ngayo.

“Usengakutsho konke athanda ukukutsho kodwa kumele afunde ukuthi abaqeqetshi bayihlelela ngendlela abasuke bebona ngayo izitha imidlalo. Njengoba sonke sazi ukuthi uMosimane uyazitsholo ngowakhe umlomo ukuthi alikho iqembu elingamvimba uma eselifuna igoli, nakowethu umdlalo bekumele enze njalo, hayi ngomlomo,” usho kanje uLarsen.

NoMuhsin Ertugral weMpumalanga Black Aces ozobhekana noMosimane kusasa eLucas Moripe Stadium ngo-7.30 ebusuku koweligi uvele wenza ihlaya indaba kaMosimane yokuvinjwa ngebhasi.

“Ngimatasa ngizama ukuthola amabhasi azokuba ngaphezulu kwalawa okuthiwa abebekwe yi-Arrows. Kubukeka sengathi iyasebenza indaba yamabhasi uma ubhekene leqembu elingavimbeki njengeSundowns,” utsho kanje u-Ertugral sakubhuqa.

USerame Letsoaka weBloemfontein Celtic loBobby Solomons weMilano FC ekuNational First Division (NFD) bayavumelana ngokuthi akukho lapho kukhulunywa khona ngamabhasi encwadini yokufundela ukuqeqetsha ngakho-ke uMosimane kavume ukuthi kwesinye isikhathi induku uyayithola ngisho ngabe ubophele zonke izinsephe, umdlalo webhola unjalo.  — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds