uMthunywa

Asigiye ngezangelo: Izithakazelo zakoDube

Dube elimthende Dube kaBayisa Khushwayo!

Mbuyazi kaThekeli

Ongathekeli nakwandodakazi

UZwakele ndoda

Ongathekele mzini emincane

Othekele mzin’ emikhulu Ongathekeli kwamakhelwane

Othekele manxulumeni

Nina bakwaDonda kwaMbangambi

Ndlovu khaliphezinye zilibele

Nina bakwaNzwakele kaKhushu

Nina beshumi lamhla munye

Nina bakwaMagwazebuyelela

Nina beqhawe lakwaLindukudla

Shozi!

KaFani kaNomkhwayiba

KaFana fuzamafu Dlubuladledle!

Ntamo ngeyendlondlo

KaSiphabantu ngokubadlubulela

Ngeze ngonyama entanyeni

Ngoba yehle kanzima kanzizimela

KwaMgwezi wamaduna namathokazi

KaNomkhwayiba waseKunene

Silwane kaNjila kaNgothoma

Mqhawe

Ngcobomuhle

Mafukuzela!

 

Wena wazi ziphi izithakazelo?