uMthunywa
Dube elimthende Dube kaBayisa Khushwayo!
Mbuyazi kaThekeli
Ongathekeli nakwandodakazi
UZwakele ndoda
Ongathekele mzini emincane
Othekele mzin’ emikhulu Ongathekeli kwamakhelwane
Othekele manxulumeni
Nina bakwaDonda kwaMbangambi
Ndlovu khaliphezinye zilibele
Nina bakwaNzwakele kaKhushu
Nina beshumi lamhla munye
Nina bakwaMagwazebuyelela
Nina beqhawe lakwaLindukudla
Shozi!
KaFani kaNomkhwayiba
KaFana fuzamafu Dlubuladledle!
Ntamo ngeyendlondlo
KaSiphabantu ngokubadlubulela
Ngeze ngonyama entanyeni
Ngoba yehle kanzima kanzizimela
KwaMgwezi wamaduna namathokazi
KaNomkhwayiba waseKunene
Silwane kaNjila kaNgothoma
Mqhawe
Ngcobomuhle
Mafukuzela!
Wena wazi ziphi izithakazelo?