Uncategorized

Yonakele impilo yowalimala esokwa

02 Jul, 2020 - 00:07 0 Views
Yonakele impilo yowalimala esokwa

uMthunywa

USECHITHA ngokufihla umfana oneminyaka engu-12 owasokwa emtholampilo walimala njengoba umchamo usuphuma ezindaweni ezimbili.

Uyise womfundi ofunda uGrade 7 uthe uphithene ikhanda ngoba ikusasa lengane yakhe lingahle lonakale njengoba kuthiwa inenye imbobo eyenziwe ukusokwa.

Lo mfana waKwaMaphumulo, ongeke adalulwe ukumvikela ngenxa yokugula kwakhe nangenxa yeminyaka yakhe ngoMeyi 3 ngonyaka odlule waya kosokwa emtholampilo waseSidumbini.

Isolezwe lithole ngoyise naye ongeke edalulwe ukuvikela umgilwa ukuthi impilo yengane yakhe isishintshile kakhulu ngakho bafuna ukunxeshezelwa.

“Ngifuna anxeshezelwe umfana wami ngoba ulimele kakhulu, nekusasa lakhe angazi ukuthi lizoba njani. Odokotela basitshele ukuthi uyoze alashwe ezinyangeni eziyisithupha. Kuyangixaka ukuthi akalashwa ngani manje. Bathi ulimele ngoba unenye imbobo yingakho esechama ezindaweni ezimbili,” kusho uyise womfana.

Elandisela Isolezwe uthe indodana yakhe yafika nencwadi eyayivela esikoleni eyayithi bazosokwa.

“Incwadi ngayisayina ngivuma ukuba asokwe kodwa encwadini kwakubhalwe olunye usuku kodwa basokwa ngolunye. Kwadlula izinsuku ezintathu samqaqa ibhandishi njengokusho kwabasemtholampilo. Emuva kwesikhathi sabona ukuthi akapholi. Safonela i-ambulensi, yamyisa esibhedlela. Ubelokhu ehlanzwa isilonda. Ngazitshela ukuthi usepholile. Unina womfana wambona echama efihla kanti uma echama usuphuma ezindaweni ezimbili,” kusho uyise womfana.

Uthe wabuyela kodokotela eya nasesikoleni sendodana yakhe.

“Ugcine eyiswa esibhedlela eNorthdale lapho odokotela bethe uzolashwa ezinyangeni eziyithupha. Abazange bechaze ukuthi kungani. Bathi kumele basike isicubu emzimbeni wakhe bavale umthambo ovulekile,” kusho uyise wengane.

Uthe uphithene ikhanda ngoba akazi ukuthi uzohlala kanjani nengane ingaphilile elinde izinyanga eziyisithupha.

“Ingane yami ichama ngokufihla, ayisakhululekile ngenxa yalesi simo. Lokhu kuphazamisa impilo yakhe ekhaya nasesikoleni,” kusho uyise womfana.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uMnumzana Ntokozo Maphisa uthe: “UMnyango uyalibonga Isolezwe ngokulazisa ngalolu daba. Sikhathazekile ngalo mbiko. Ngeshwa, asikwazi ukuphawula ngoba sisazoqoqa imininingwane esikhungweni esithintekayo ukuze siluqonde ngokugcwele udaba. Sizozama ukuthola indlela yokusiza isiguli ngaphandle kokusilindisa ngokungenasidingo.”

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds